EzintshaMTN8Orlando Pirates

USelepe uveza okumbuyisele eqenjini kwiPirates

Umdlali wasiswini we-Orlando Pirates, u-Simphiwe Selepe, usekhulume ngokuthola ithuba lokuqala lokudlala kule sizini.

USelеpe udlale imizuzu engu-75 ngesikhathi iPirates ishaya iSekhukhune United ngo 3-0 e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo.

Lokhu kunqoba kwenze iPirates yafinyelela kowamanqamu weMTN8 okwesihlanu kulandelana.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala udlale kahle phakathi nenkundla ebambisene noMthetheleli Mthiyane noThapelo Mokobodi. 

Uthe uyabonga ngethuba alitholile ngemuva kokusebenza kanzima kusukela kuqale isizini.

“Ngicabanga ukuthi ukuqala kwami kubangelwe wukuthi abaqeqeshi bakholelwa kithina sonke njengabadlali,” kusho yena. 

Uthe ubesebenze kanzima ukuze athole leli thuba.

“Selokhu kuqale isizini bengiziphusha kuze kube manje, ngakho bekubalulekile ukuthi ngilisebenzise kahle leli thuba engilinikiwe,” kuqhuba yena.

U-Simphiwe Selеpe uthe bekubalulekile ukubamba leli thuba ngenxa yomqhudelwano okhona endaweni adlala kuyo kwi-Orlando Pirates.

“Bekubaluleke kakhulu ukuthi ngilibambe lelo thuba, ngoba njengoba nazi, baningi bethu abadlala kuleyo ndawo. 

“Ngakho uma ngithola ithuba, kumele ngilibambe futhi ngiqinisekise ukuthi ngihlala kulo.”

Uphinde wakhuluma ngobunzima bomdlalo neSekhukhune.

“Akukaze kube lula ukudlala neSekhukhune,” kwengeza lo mdlali ophuma enkulisa yePirates. 

“Sibahlule kabili futhi nabo bebethi ngeke basivumele sibahlule okwesithathu.”

Uthe umdlalo ubunzima kakhulu, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.

“Bekungewona umdlalo olula. Bekunokuphithizela esiwombeni sokuqala,” kwengeza yena.

“Kodwa okungenani sikwazile ukushaya igoli futhi manje sesibheke emzuliswaneni olandelayo.”

IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu kanti iPSL isazolumemezela usuku lwalo mdlalo.