EzintshaKaizer Chiefs

UBaartman uveza akutshelwe uDa Cruz ngendima yakhe kwiChiefs

Umdlali we-Kaizer Chiefs, u-Luke Baartman, useveze ukuthi umqeqeshi uFernando Da Cruz umsize kanjani ekuthuthukiseni umdlalo wakhe.

Lo mdlali osemncane uyaqhubeka nokuzakhela indawo eqenjini lokuqala kuMakhosi kule sizini.

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala uqale kahle isizini ka-2026/27, njengoba esedlale kuyo yonke imidlalo eyisishiyagalombili yeligi, washaya negoli elilodwa.

UBaartman uthi ukulalela uDa Cruz nokulandela izeluleko zakhe kube yinto ebalulekile ekuthuthukeni kwakhe.

“Ngicabanga ukuthi njengoba umqeqeshi eshilo, okubalulekile kimina wukumlalela. 

“Ngicabanga ukuthi ungisiza kakhulu ukuthi ngenze kangcono futhi ngiqhubeke nokuthuthuka,” kusho uBaartman.

U-Luke Baartman wakhulela enkulisa yeCape Town Spurs ngaphambi kokuthi ajoyine i-Kaizer Chiefs kokudliwa yizembe kweSpurs.

Ngemuva kwesikhathi eside kuxoxwa ngokudluliselwa kwakhe, uBaartman usezitholele indawo eqenjini leChiefs futhi uya ngokuya eba ngumdlali obalulekile ezinhlelweni zikaDa Cruz.

Kuye, ukudlalela iChiefs akusona nje isinyathelo esikhulu emsebenzini wakhe, kodwa kuyinto aziqhenya kakhulu ngayo.

“Ukudlalela iqembu elikhulu njengeChiefs kungenza ngihloniphele kakhulu. 

“Lapho ngivela khona eKapa, kukhulu kakhulu ukudlalela iqembu elifana neChiefs,” kwengeza yena.