
Owodumo kwiChiefs uveza isifo esacishe samkhubaza ebholeni
Owayengumgadli we-Kaizer Chiefs, uKeletso Sifama, useveze ukuthi isifo sokuwa (epilepsy) sibe ngesinye sezithiyo ezinkulu emsebenzini wakhe webhola.
USifama, osedlalela iGomora United kwiMotsepe Foundation Championship, uthi impilo yakhe ayizange ibe lula njengoba wayevame ukuhlaselwa yilesi sifo, okuze kwamthikameza nasebholeni.
“Bekungeyona indlela elula kimina ngoba ngibe nezinselelo eziningi emsebenzini wami.
“Ngangingumfana ogula njalo. Ngangihlaselwa yisifo sokuwa,” kusho uSifama ekhuluma nabeSoccer Laduma.
Uthi lesi simo saba nomthelela omkhulu emsebenzini wakhe futhi kwesinye isikhathi waze wazizwa sengathi siyawubulala umsebenzi wakhe.
“Kwaba neqhaza emsebenzini wami futhi kwangibulala kakhulu,” kuqhuba yena.
“Kodwa angizange ngisivumele ukuthi singigqilaze emqondweni. Ngaqhubeka nokulwa nokugula.”
USifama – ophuma enkulisa ye-Kaizer Chiefs – uveze nokuthi uke wahlaselwa yilesi sifo ngesikhathi ezilolonga nasemidlalweni.
“Yebo, kwake kwenzeka,” kusho yena. “Ngangiba nalesi sithuthwane ngisho nasemidlalweni. Kodwa angizange ngisivumele ukuthi singimise.”
Uthi wake wadlala ngaphansi kwalezi zimo ngesikhathi sakhe kwi-Kaizer Chiefs, nasemaqenjini ehlukene adlale kuwo.
Naphezu kwazo zonke lezi zinselelo, uSifama, oseneminyaka engu-23, usakholelwa ukuthi angabuyela esigabeni esiphezulu.
- FUNDA NALA | Unozinti welePSL uphawula ngokubhekana noMessi
“Ukukholwa. Uma ukholelwa futhi uzethemba, yonke into iyenzeka. Indlela oziphatha ngayo nayo ibalulekile,” kusho yena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
