EzintshaKaizer Chiefs

Owodumo kwiChiefs uveza okumhoxise ebholeni

Usephumele obala ngesizathu esimenze ahoxe ekudlaleni, wathi ubengekho esimweni esihle ngokomqondo.

UZuma wake wabonakala njengesihlabani sakusasa ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Uqale umsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo kwiBloemfontein Celtic ngo-2014. 

Igama lakhe likhule kakhulu ngesikhathi ejoyina iChiefs ngo-2017. 

Nokho izinkinga zangaphandle kwenkundla zithikameze inqubekela phambili yakhe kuMakhosi. IChiefs yagcina imkhululile.

Ube esejoyina AmaZulu FC. Ekuqaleni, wayebonakala ebuyele endleleni efanele. Kodwa izinkinga zakudala zaphinde zavuka. 

Ngo-2023, wasayina kwiMoroka Swallows. Nokho uxoshwe nabanye abadlali ngemuva kwesiteleka samaholo.

Ekhuluma no-Andile Ncube kwiSports Nights Amplified yeMetro FM, uZuma uphumele obala ngezinkinga zakhe. 

Uveze ukuthi usehlisile ezinkambeni zikaFaro njengoba efuna ukuzakha kabusha.

“Ngigcine ukuphuza ngoJanuwari 1. Angisaphuzi njengakudala,” kusho uZuma.

Uvumile ukuthi ukuba nabangane abaningi nokuhlezi esebumnandini kumphazamise kakhulu emsebenzini wakhe.

“Angizange ngiyeke ukudlala ngoba ngingasalithandi ibhola,” kwengeza yena. 

“Ngibone kungalungile ukuqashwa eqenjini elithile ngibe ngingekho esimweni esifanele sokudlala ngendlela elindelekile enkundleni.”

Ngesikhathi ekwiChiefs, wake wamiswa emsebenzini. Iqembu lanxusa ukuthi afune usizo lochwepheshe bezengqondo.

“IChiefs yangitshela ukuthi ngibone udokotela wezengqondo. Kodwa udokotela wengqondo wathi anginayo inkinga. 

“Wangitshela ukuthi angiqhubeke ngidlale ibhola futhi ngizijabulise,” kuchaza yena.

Muva nje imibiko immatanise neMagesi FC. Nokho, akukho okugcine kwenzeka ngalokho. 

Kodwa njengoba engumdlali ongenaqembu, usengasayina noma livaliwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.