Betway PremEzintsha

Unozinti weKruger udalula abecabanga ebhekene noMessi

Unozinti we-Kruger United neBenin, uMarcel Dandjinou, useveze ukuthi ubecabangani ngesikhathi ebhekene no-Lionel Messi.

Lo nozinti uzithole ebhekene ngqo nale ngqwele ngesikhathi ishaya iphenathi emdlalweni wayo wokugcina eqenjini lesizwe lase-Argentina ngoLwesithathu.

UDandjinou, oneminyaka engu-28 ubudala, uqale lo mdlalo obuse-Estadio Monumental, obuyingqophamlando njengoba uMessi ebedlala umdlalo wakhe wokugcina kwi-Argentina.

Ungenelwe amagoli amathathu ngesiwombe sesibili. UNicolas Otamendi uvule amagoli ngomzuzu ka-48.

Kube sekulandela uNico Paz ngomzuzu ka-60, ngaphambi kokuthi uMessi ashaye iphenathi ngomzuzu ka-71.

“Ngaleso sikhathi, bekunguye kuphela ebengibhekene naye. Ngifisa sengathi bekungeyona iphenathi,” kusho yena kwiFARPost.

Lo nozinti we-Kruger Unites uthe wayecabanga ukuthi u-Lionel Messi uzoshintsha indawo azoyishaya kuyo le phenathi njengoba ayishweba kwiNdebe yoMhlaba.

“KwiNdebe yoMhlaba edlule wayigeja, ngakho ngacabanga ukuthi uzoshintsha lapho azoyishaya khona. 

“Kodwa akazange ashintshe. Uyishaye ekhoneni eliphezulu ngamandla,” kuqhuba yena.

UDandjinou uthe kungenzeka uMessi ubesecasukile efuna ukumvova kwazise ubesemgobe kaningi kulo mdlalo.

“Bengizitshela ukuthi ngeke ngimnike lo mdlalo. Ngakho-ke wenze isiqiniseko sokuthi uyayishaya iphenathi.”

Ngemuva kokubhekana no-Lionel Messi emdlalweni omkhulu, lo nozinti uzobuyela emsebenzini weBetway Premiership njengoba i-Kruger United izovakashela iChippa United eBuffalo City Stadium ngoMgqibelo ozayo.