
UMofokeng nesethembiso kubalandeli abamesekayo
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates neBafana Bafana uRelebohile Mofokeng ubonge umphakathi ngokumeseka.
Uthole umklomelo wakhe wemoto ngokuwina iGauteng Sports Personality of the Year Award.
UMofokeng uklonyeliswe ngeVW Polo entsha sha. Umklomelo uqhamuke ngemuva kokudlala kahle kwakhe ngo-2024.
“Ngithanda ukubonga wonke umuntu ongivotele,” kusho yena emukela lo mklomelo kuleli sonto. “Ngicabanga ukuthi ngisebenze kahle. Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima.”
Wathembisa ukuthi uzoqhubeka nokuphusha ukuze adlule kuleli zinga akulo, aye phezulu kakhulu.
“Ngeke ngibadumaze (abangivotele). Lokhu kuzongikhuthaza ukuthi ngenze okwengeziwe.”
Uncome akuncela kwiSchool of Excellence, wathi ula ekhona nje wulwazi alufunda khona.
Uthe kumele kuqiniswe ekuthuthukisweni kwamakhono kuzo zonke ezemidlalo.
“Ngicabanga ukuthi ukuthuthukiswa kwamakhono kubalulekile,” kuqhuba yena.
“ISchool of Excellece yangisiza kakhulu. Bakulungiselela ngokwengqondo nangokomzimba.”
UMofokeng ujoyine iPirates ngo-2022. Njengamanye ungomunye wabadlali abasebancane okubhekwe lukhulu kubo eNingizimu Afrika.
Uthemba ukuthi impumelelo yakhe izogqugquzela abadlali abasebancane.
“Kufanele baqhubeke nokuphusha. Akufanele balahlekelwe yithemba ngenxa yezinto ezincane,” kwengeza uMofokeng.
Ukhuthaze abadlali bebhola abasebancane ukuthi bahlale bezinikele emaphusheni abo.
“Iminyaka aisho lutho. Abanye abadlali bafinyelela kwi-PSL sebeno-26.
“Kufanele basebenze kanzima baze bafinyelele kulokho abazibekele khona.”
