
UNabi uphawula ngabalimele nabamisiwe kwiChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usekhiphe ulwazi ngabalimele eqenjini lakhe ngaphambi komdlalo wabo olandelayo.
IChiefs izobhekana neChippa United emdlalweni womzuliswano wesibili kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.
Amakhosi azobe engenabo abadlali abambalwa abamqoka ngenxa yokulimala nokumiswa.
INedbank Cup yilona ukuphela kwethuba elikhona kwiChiefs lokuthi ibe nokusandetshana ekupheleni kwesizini.
UYusuf Maart umisiwe futhi uzobe engekheo kulo mdlalo ozoba seFNB Stadium.
Umdlali wasesiswini uSibongiseni “Ox” Mthethwa naye akekho ngenxa yokulimala.
“UYusuf Maart umisiwe emdlalweni wangoMgqibelo,” kuqinisekisa uNabi. “U-Ox usalimele futhi ngeke adlale.”
Abanye abadlali sebebuyele ekuzilolongeni neqembu. “UGeorge Matlou, uDillan Solomons, noDove Edmilson baziqeqeshe neqembu kuleli sonto,” kuqhuba uNabi.
Nokho, uSolomons noDove basadinga isikhathi esengeziwe.
“Basadinga ukuqeqeshwa ukuzicija okwengeziwe nemidlalo yobungane ukuze baphinde baqine,” kwengeza lo mqeqeshi.
Abanye abadlali abayinkathazo kuNabi njengoba bengakalulami oWandile DUba no-Ashley Du Preez.
“UWandile Duba no-Ashley du Preez abakelulami,” kusho uNabi.
IChiefs izimisele ngokudlulela phambili kulo mqhudelwano. Seyicela eshumini iminyaka yagcina ukunqoba indebe.
Lo mdlalo obhekwe ngabovu uqala ngo-6 ebusuku e-FNB Stadium ngoMgqibelo kanti kulindeleke ukuthi ushube.
