
UChaine uhola iBafana ‘entsha’ kowe-Egypt
USipho Chaine nguyena ukaputeni we-Bafana Bafana njengoba umqeqeshi uPitso Mosimane enze izinguquko ezinqala emdlalweni wobungani ne-Egypt.
Lo mdlalo useCairo International Stadium ngeSonto ebusuku, kanti uqala ngo-8 ebusuku.
UMosimane ubethe uzobanika ithuba abadlali abangazange badlale emidlalweni yokuhlungela i-Afcon bebhekene neGuinea ne-Eritrea — futhi usigcinile isithembiso sakhe.
U-Ime Okon nguyena kuphela umdlali osekhona eqenjini eliqale imidlalo emibili edlule.
U-Okon uthi abadlali be-Bafana Bafana bajabule kakhulu ngokuthola ithuba lokubhekana nelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika.
“I-Egypt ingelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika. Njengomdlali uhlale ufuna ukudlala namaqembu ahamba phambili futhi uzihlole.
“Umuzwa ngaphakathi eqenjini ujabulisa kakhulu. Sifuna ukudlala nabo, sizihlole futhi sikhombise ukuthi simeleni.
- FUNDA NALA | IPirates icacisa ngecala elivulele isikhulu sayo
“Siwubheke ngabomvu lo mdlalo,” kusho u-Okon ngaphambi komdlalo.
IBafana ibophele kanje: Chaine, Matuludi, Basadien, Okon, Seema, Matthews, Sithole, Poggenpoel, Dithejane, Singh, Mailula.
Ebhentshini: Goss, Williams, Kabini, Morena, Makhanya, Ndamane, Sibisi, Zwane, Campbell, Moremi, Mbuthuma, Rayners.
I-Egypt ibophele kanje: Shobeir, Hany, Abdel Meguid, Rabia, Karim, Mohannad, Marwan, Emam, Ibrahim, Marmoush, Ziko.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
