
I-Open Tickets icacisa ngezinsolo ngamathikithi eMTN8
Inkampani edayisa amathikithi emidlalo nemicimbi, i-Open Tickets isiziphendulele ngezinsolo ezimbi ngokudayiswa kwamathikithi omdlalo wamanqamu we-MTN8.
Kunezinsolo ezisabalele zokuthi abalandeli baKwaZulu-Natal bavinjwa ngamabomu ekutheni bakwazi ukuthenga amathikithi alo mdlalo.
Kube nesiphithiphithi ngoLwesihlanu olwedlule ngesikhathi uhlelo lokuthengisa amathikithi luphahlazeka emizuzwini embalwa kuqalile ukuthengiswa.
Lokhu kushiye abalandeli abaningi baseKZN bekhungathekile bengakwazi ukuthenga amathikithi alo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Izinsolo zagcina sezisabalala ezinkundleni zokuxhumana, kwathi abanye basola ukuthi uhlelo luphahlazwe ngamabomu eKZN.
Bathi lokhu kwenzelwe ukuze abalandeli bakwezinye izifundazwe bathole amathikithi amaningi.
Kodwa isikhulu esiphezulu se-Open Tickets ebidayisa amathikithi e-MTN8, uMarnus van Niekerk, uzichithile lezi zinsolo, wathi izibalo zikhombisa okuphambene.
“Yebo, kunombono wokuthi abantu baseKZN abazange banikwe ithuba elilinganayo lokuthenga amathikithi,” kusho uVan Niekerk.
“Kepha ngingasho ngokuphelele ukuthi lokho akulona iqiniso.
“Akukho mzamo ovela kumxhasi, kwiligi noma kwi-Open Tickets wokulawula ukuthi ubani othenga amathikithi nokuthi ubani ongawathengi.
“Bekukhona uhlelo lokuma emgqeni olwalulingana kuwo wonke umuntu.
“Wonke umuntu ubethola ithuba elifanayo. Futhi sinazo izibalo ezikufakazela lokho.
“Cishe u-60% wamathikithi athengisiwe uthengwe ngabantu baseKZN.
- FUNDA NALA | Owase-England nesifiso sokudlala kwiBafana
“IGauteng ilandela endaweni yesibili. Kodwa alikho iqiniso ezinsolweni zokuthi abantu baseKZN abazange banikwe ithuba elilinganayo lokuthenga amathikithi.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
