EzintshaKaizer Chiefs

Kuvela ‘okuqhathe’ uThabo Cele neKaizer Chiefs

Sekuvele okungenzeka yikho okuqhathe u-Thabo Cele ne-Kaizer Chiefs njengoba eshiyiwe iqembu liya ekhempini eSpain nje.

Ukusala kwakhe kususe ukuqagela ngekusasa lakhe kuleli qembu kanti sekuvelile ukuthi abaphathi bakhe bamzamela kwamanye amaqembu.

Kuthiwa iChiefs izimisele ukumdedela uma kuvela iqembu elizomthenga, uma kungenzeki kanjalo, uzohlala kuze kuphele inkontileka.

Nokho ukusala kwakhe kwenza kucace ukuthi akasekho ezinhlelweni zeqembu njengoba kubhekwe kwisizini entsha nje.

Ngokusho kwePodcaster ezibiza ngoThabang UncleBlaque, uCele waxabana nesikhulu seChiefs uKaizer Motaung Junior.

Kuthiwa ingxabano yabo yashuba kwaze kwafika la uCele amtshela khona emehlweni uMotaung Jr. ukuthi yena angashiya kwangaleso sikhathi kuMakhosi. 

“Engikuzwayo ngemithombo yami engaphakathi kwiKaizer Chiefs wukuthi ngemuva komdlalo weStellenbosch, uKaizer Jr wayengeneme neze.

“Wangena egunjini lokushintshela watshela abadlali abasebancane njengoMfundo Vilakazi noMduduzi Shabalala ezikabhoqo.

“Wayebathethisa ngokuthi banikwa ithuba kodwa abazimiseli futhi abakhombisi ukukhula eqenjini.”

Uthe isimo sashuba ngendlela yokuthi u-Thabo Cele njengomunye wabadlali abadala kwi-Kaizer Chiefs wangenelela ekhuza lo mhlolo.

Kuthiwa uCele watshela uKaizer Jr ukuthi akakwazi ukungena egunjini lokushintshela, eqe abaqeqeshi nokaputeni bese ethethisa abadlali.

“Wamtshela ukuthi kumele abahloniphe njengabadlali. NoBrandon Petersen njengokaputeni wazama ukungenelela.

“Kodwa uJunior waphuma iqhubu noCele, waze wamtshela ukuthi kwayena ulandwe ngemali enkulu kodwa akukho asakwenzele iqembu.

“Kulapho ke uCele wabe esesho ukuthi engahamba kwangaleso sikhathi uma engazohlonishwa futhi kungekho akwenzayo.”

Uma iyiqiniso lena, kuyacaca ubudlelwano buka-Thabo Cele ne-Kaier Chiefs akuselula bulungiseke futhi okuzoba kuhle yikho ukuthi ashiye.