
Akayishayi ngathi uyabukisa inethi phesheya owahluleka kwiChiefs
Umgadli owake wadlalela i-Kaizer Chiefs, u-Efmamjjasond González, usefomini emangalisayo eqenjini lakhe eChina, njengoba eyishaya ngathi uyabukisa inethi.
Lo mgadli waseColombia, oneminyaka engu-27, useshaye amagoli angu-10 emidlalweni engu-12 kwiChinese League One kule sizini.
UGonzález udlule ezikhathini ezinzima selokhu ashiya iChiefs ngoNhalngulana ka-2024, njengoba abuyela kwiReal Santa Cruz ngaphambi kokuthuthela kwi-Always Ready.
Uphinde wabolekiswa kwiSJZ Gongfu nakwiBeitar Jerusalem, ngaphambi kokuba abuyele eChina lapho ejoyine khona iNT Zhiyun.
Kuleli qembu usebonakala esethole indawo yakhe, kanti igoli lakhe lakamuva libe ngelokunqoba ngesikhathi iZhiyun ishaya iNingbo FC ngo-1-0.
Lo mphumela ubasize bakhuphukela endaweni yesibili kwiligi, sekusele imidlalo emihlanu.
Uma begcina le ndawo, bazonyukela kwiChinese Super League ngesizini ezayo.
- FUNDA NALA | I-Open Tickets icacisa eyamathikithi eMTN8
Kusobala ukuthi lo mdlali wakudala we-Kaizer Chiefs usephinde wabuyelwa umgqigqo wakhe wokushaya amagoli kulandela ukuhluleka eNaturena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
