
UMakgopa noMabasa kwabafunwa elaseTurkey
Umgadli we-Orlando Pirates u-Evidence Makgopa nomunye osanda kudedelwa kuleli qembu, uTshegofatso Mabasa bafunwa uthuli yiqembu laseTurkey.
Laba bagadli sekungenzeka bayodlala kuleliya zwe ngesizini ezayo njengoba kuvela ukuthi basohlwini lwabagadli i-Erzurumspor FK efuna ukubasayina.
UMakgopa usanenkontileka kwiPirates, kanti uMabasa okwamanje akanaqembu ngemuva kokuhlukana namaBhakabhaka ekupheleni kwesizini edlule.
UMabasa uke wamataniswa neKaizer Chiefs, kodwa kuze kube manje akukho sivumelwano esesiphothuliwe.
Ngokombiko wephephandaba laseTurkey, iTıbbıye Bülteni, i-Erzurumspor ifuna umgadli onamandla ngokomzimba, onekhono lokushaya amagoli futhi okwaziyo ukudlala eyedwa phambili.
Kubikwa ukuthi abaqeqeshi baleli qembu bafuna umdlali okwazi ukudlala amabhola asemoyeni, osheshe ajwayele ukudlala ngesikhathi kuhlaselwa ngokushesha futhi akwazi ukuhola ukuhlasela.
Abaphathi baleli qembu nabo kubikwa ukuthi bafisa ukuthola umgadli abazomboleka okwamanje ngombandela yokumthenga ngokuphelele.
Nokho, u-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa akubona bodwa abasohlwini.
Kukhona nabanye abagadli okubalwa kubo uBamba Dieng waseSenegal, uJordan Siebatcheu wase-United States no-Ali Sowe waseGambia, bonke abadlala e-Europe.
- FUNDA NALA | IChiefs ithi iyakhula ngemidlalo yaseSpain
Uma laba bagadli – noma oyedwa wabo – egcina kuleli qembu bazobe bengabona abadlali bokuqala bakuleli ukudlala kulo.
Leli qembu like laba nengwazi yeBafana Bafana uSiphiwe Tshabalala emabhukwini alo eminyakeni embalwa edlule.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
