
UDa Cruz ucacisa ngokukhipha uVilakazi kudliwa iChiefs
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, usephumele obala ngemuva kokuhlulwa yiRed Arrows ngo 1-0 emdlalweni weCAF Confederation Cup eZambia ngoMgqibelo.
Amakhosi aguqiswe yigoli lika-Alassane Diarra ngomzuzu ka-77, kanti lokhu kwenzeke ngemuva kwemizuzu eyisithupha kukhishwe uMfundo Vilakazi.
Lokhu kungase kwenze ukushintshwa kukaVilakazi kwabukwa ngelinye iso, kodwa uDa Cruz uyakuphika ukuthi yikho okwenze iqembu lakhe langenelwa yigoli.
“UMfundo Vilakazi ubekhathele, ngakho besifuna ukufaka umdlali omusha,” kusho uDa Cruz.
“Akusikho ukuthi singenelwe igoli ngenxa yokushintshwa kukaVilakazi. Kube nekhona eyodw nje.”
Lo mqeqeshi uthe iChiefs ibidinga ukusebenzisa amathuba ayo kangcono, ikakhulukazi uma ihlasela.
“Besihluleka ukusebenzisa kahle amathuba uma sihlasela. Emlenzeni wesibili kumele sihlasele ngamandla,” kuchaza yena.
- FUNDA NALA | U-Ouaddou uthi awuphelile owePirates
UFernando Da Cruz uthe i-Kaizer Chiefs kumele isebenze kanzima ukuze iguqule imiphumela ivune yona.
Manje iChiefs sekumele iwine emlenzeni wesibili ukuze ibe sethubeni lokudlulela esigabeni esilandelayo.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
