EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs imvundulule kwamakhelwane umgadli ebimfuna

IKaizer Chiefs seyimtholile umgadli ebimcinga kanti imthole komakhelwane bayo baseGauteng iSuperSport United.

Kuvela ukuthi lo mgadli, uTashreeq Morris uzohlolwa ngodokotela beChiefs kuleli sonto, uma bethola ukuthi usesimweni bese esayinwa.

Ngokubika kweSABC Sport, iChiefs kubikwa iqale izingxoxo buthule neSuperSport United ekuqaleni kukaJanuwari.

IChiefs idinga umgadli ukuze iqinise iqembu layo njengoba isikuvezile ukuthi ayenelisekile ngabagadli enabo.

Umqeqeshi uNasreddine Nabi usanda kuvuma ukuthi uRanga Chivaviro no-Ashley du Preez badinga ukwesekwa okwengeziwe.

Nesikhulu seChiefs, uKaizer Motaung Junior sikuvezile ukuthi banenkinga phambili futhi basezinhlelweni zokuqinisa khona kuleli windi.

IChiefs kuthiwa isezingxoxweni nePolokwane City efuna iyidayisele u-Oswin Appolis.

Kodwa-ke, njengamanje izindaba ezinkulu ukuthi iSuperSport ivumile ukuyidayisela uMorris.

ISuperSport isayinise uMorris ngo-Okthoba ngesincomo somqeqeshi wayo uGavin Hunt. 

Ngaleso sikhathi, beyibhekene nenkinga yabagadli njengoba uBradley Grobler ebesalimele.

UMorris, oneminyaka engu-30 ubudala, ubengenaqembu ngaleso sikhathi kulandela ukushiya kwakhe iSekhukhune United ekupheleni kwesizini edlule. 

Manje ubukeka ezojoyina Amakhosi uma ephasa ukuhlolwa kwakhe okulindeleke kube ngoLwesihlanu.

Uma konke kuhamba kahle uMorris uzoqala ukuzilolonga neChiefs kuleli sonto. 

Nokho uzophuthelwa imidlalo emibili ngenxa yekhadi elibomvu alithole emdlalweni wakhe wokugcina kwiSuperSport.

UMorris ukhishwe ngekhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi uRelobogile Mokhouane ngesikhathi behlulwa ngo 3-0 yiSekhukhune ngempelasonto edlule.

IChiefs, ehlulwe ngo 1-0 yiGolden Arrows ngalo lolo suku, isaqhubeka nokudonsa kanzima ngenxa yibuthuntu phambili.

Le kilabhu ezinze eNaturena imataniswa nanomgadli waseSwitzerland uRuben del Campo, kodwa akubukeki izomthola.