
UCardoso ujike aqala ngalo, uxwayisa iSundowns ngeWiliete
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, usexwayise ngokuthi iqembu lakhe libhekene nomsebenzi onzima kwiWiliete S.C yase-Angola.
Lamaqemu azogadulisana emdlalweni womzuliswano wesibili kweyokuhlunga kwiCaf Champions League.
Lo mdlalo useLoftus Stadium ngeSonto kanti uqala ngo-6 ntambama. IWiliete iyiqale kahle isizini yasekhaya.
Isinqobe imidlalo emihlanu yadlala ngokulingana kowodwa emidlalweni yayo yokuqala eyisithupha yeligi yase-Angola, iGirabola.
U-Miguel Cardoso uyazi ukuthi amava eMamelodi Sundowns emidlalweni yase-Afrika ngeke asize ngalutho uma bengayithatha kancane le mbangi.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi baqale ukuyihlaziya iWiliete ngokushesha nje ngemuva kokubuya eThekwini, lapho bebenemidlalo yasekhaya.
“Sizoyihlonipha le mizuliswano yokuhlunga. Asizange sibe nenhlanhla ngesikhathi kuqhathwa.
“Kwesinye isikhathi sithola amaqembu esiwaziyo, kodwa kulokhu kunzima.
“Bahamba phambili kwiligi yase-Angola. Sibuye eThekwini sase siqala ukubahlaziya,” kusho uCardoso kuleli sonto.
IMamelodi Sundowns iya kulo mdlalo izethemba, njengoba ihamba phambili kwiBetway Premiership futhi isanda kunqoba iMTN8.
- FUNDA NALA | U-Ouaddou ubalula ukubaluleka kuChaine
Nokho, u-Miguel Cardoso akafuni iqembu lakhe lithathe izinto kalula njengoba lilwela ukuqhubeka nomkhankaso walo e-Afrika.
Ibophele kanje iSundowns: Goss, Matuludi, Khoza, Ndamane, Basadien, Mokoena, Allende, Morena, Santos, Matthews noLeón.
Ebhentshini: Pieterse, Mvala, Lunga, Aubaas, Cele, Zwane, van Wyk, Ndlovu noRayners.
ISundowns kuzodingeka idlale ngokuzimisela ibhekene neWiliete, esivele ikhombisile ukuthi iyakwazi ukuqoqa amaphuzu kule sizini.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
