EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso uveza umdlali abengamuzwa kahle efika kwiDowns

Nokho lo mdlali usephenduke esinye sezethenjwa zalo mqeqeshi njengoba engasasali eqenjini eliqala imidlalo.

UCardoso uveze ukuthi ubenokungabaza ngomgadli waseBrazil, u-Arthur Sales, osengene emgqigqweni omuhle njengoba sekuphethwa isizini nje.

USales ufike kwiSundowns esuka eqenjini laseBelgium iLommel SK ekuqaleni kwale sizini. 

Njengoba ebefika ubebhekwe ukuthi enze ezibukwayo zisuka nje, futhi wazithola esegxekwa kulandela ukungaqali kahle. 

Kodwa selokhu kwafika uMiguel Cardoso maphakathi nesizini, lo mdlali oneminyaka engu-22 usengomunye wabadlali abamqoka eqenjini.

USales useshaye amagoli ayisishiyagalolunye futhi wakhela ozakwabo ayishumi emidlalweni engu-36 kuyo yonke imiqhudelwano. 

Usanda kuvalela amagoli amabili iSundowns inqoba ngo 3-0 ihlula iChippa United — umphumela oqinisekise isicoco sayo seBetway Premiership sesishiyagalombili kulandelana.

Ekhuluma kwiSports Nights Amplified yeMetro FM, uCardoso uvumile ukuthi ekuqaleni wayengeneme ngaSales.

“Ngikholwe, ekuqaleni ngathi, ‘Angimthandi. Angiyithandi indlela aziqeqesha ngayo.’ 

“Kodwa ngabe sengiqala ukumthanda. Kwadingeka ngikholelwe kuye,” kuvuma lo mqeqeshi.

UMiguel Cardoso uchaze ukuthi uSales ubesalulama ekulimaleni ngesikhathi efika yena.

Ngaphezu kwalokho, ubesazijwayeza ibhola laseNingizimu Afrika elihlukile kwelase-Europe la abedlala khona.

“Wayedinga isikhathi sokuzijwayeza izimo,” kwengeza uCardoso. “Futhi bekufanele siqonde ukuthi usebenza kanjani, nokuthi ucabanga kanjani.”

Lo mqeqeshi odabuka ePortugal uphinde waveza ukuthi ukujika indlela abadlala ngayo kuvulele eSales isikhala eqenjini.

Ekuqaleni ubedlaliswa njengomgadli, kodwa uSales wenza kagcono kakhulu manje njengoba esedlaliswa ophikweni.

“Unamandla kakhulu uma ibhola lingekho kuye. Uyacindezela futhi agijime yonke indawo,” kuchaza uCardoso. 

“Bekufanele sithole indlela efanele yokumenza asebenze ngndlela evumelana naye ngaphandle kokwakhela iqembu phezu kwakhe.”

Umqeqeshi uphethe ngokuncoma umgqigqo walo mgadli osemncane: “Manje sesimbona eyithuluzi elimangalisayo.”

Ukuguqulwa kukaSales kungenye yezinto ezinhle ezenzeka buthule eqenjini leSundowns eliqhubekayo nokubusa ebholeni laseNingizimu Afrika.