EzintshaOrlando Pirates

UMicho wodumo kwiPirates usevuke ngomunye umsebenzi

Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic useneqembu elisha.

UMicho usayine inkontileka yonyaka nesigamu nezikhondlakhondla zaseSudan i-Al Merreikh. 

Leli qembu likuqinisekise ngoLwesihlanu ekuseni ukuqokwa kwalo mqeqeshi odabuka eSerbia.

UMicho useyintandokazi namanje kubalandeli bePirates ngemuva kokusebenza amahlandla amabili kulezi zinkunzi zaseSoweto.

Ngesikhathi ebuya okwesibili, uvuselele indlela yokudlala yePirates futhi yaqeda endaweni yesibili kulandelana kwiligi. 

Waphinde wayifaka esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ngo-2018.

UMicho uthatha useneminyaka engaphezu kwamashumi amabili enza umsebenzi wokuqeqesha. 

Usebenze emazweni amaningana ase-Afrika, okubalwa i-Uganda, iRwanda neZambia. 

Uwine izicoco eziningi zeligi e-Uganda futhi wafaka iqembu lesizwe lase-Uganda kwi-Afcon ka-2017 ngemuva kokunyamalala iminyaka engu-39.

EZambia, unqobe iCosafa Cup ngo-2020 neqembu lesizwe iChipolopolo. 

Ukufika kwakhe kokuqala kwiPirates ngo-2006 kwamenza wakha isisekelo esiqinile ngaphambi kokubuya kwakhe ngo-2017.

Kodwa-ke, ihlandla lakhe lesibili laphela kungazelelwe ngo-2019 lapho esula isigubhukane. 

Ngokushesha ngemuva kwalokho, wabhekana nezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi, okwangcolisa igama lakhe.

Manje njengoba ekwi-Al Merreikh, uMicho uhlose ukubuvuselela lezi zinkunzi zaseSudan ziphinde zibe ngelinye lamaqembu aphambili ebholeni lase-Afrika.