
ICeltic isidayisiwe, ikhuza ibuya kwiPSL
IBloemfontein Celtic isihoxile ekudlaleni kwi-ABC Motsepe League yaseFree State.
Leli qembu lithumele incwadi esifundeni seSafa iFree State lihoxa, laveza ukuthi lizobuyela ezigabeni zebhola elikhokhelayo.
Encwadini iLisenethini eyibonile, futhi esayinwe nguMax Tshabalala, ithi usedayise igama lekilabhu kumfelandawonye ongadalulwanga igama.
“Siyazisola ngokukwazisa ukuthi iBloemfontein Celtic Football Club ithathe isinqumo sokuhoxa ekubambeni iqhaza kwi-ABC Motsepe League kusukela manje…
“Ngokubhekelela isifundazwe iFree State nebhola lezinyawo lilonke, ikilabhu igcine ithathe isinqumo sokudedela igama lekilabhu.
“Sikunikeze umfelandawonye ofanelekile futhi osesimweni esingcono kakhulu sokuthola indawo ebholeni elikhokhelayo.
“Sizophinde sibone iBloemfontein Celtic idlala kwiPremier Soccer League.
“Siyaxolisa nganoma yikuphi ukuphazamiseka okungase kudaleke ngenxa yalokhu okungenhla.”
ifundeka kanje ingxenye yale ncwadi. Lezi zindaba sezishukumise abantu, zaqala nokuqagela.
Manje sekucatshangelwa ukuthi uTshabalala udayisele u-Abram Sello waseMarumo Gallants igama leqembu.
USello wasusa iqembu lakhe eLimpopo waliyisa eFree State ngoba efuna ukunikeza abalandeli baseBloemfontein ibhola elikhokhelayo.
