
U-Ouaddou uveza into eyenza uChaine abaluleke kwiPirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usechaze ukuthi kungani unozinti u-Sipho Chaine eyingxenye ebalulekile yeqembu lakhe.
Lo nozinti weBafana Bafana akagcini ngokuvimba amagoli kuphela, kodwa unendima enkulu ekuholeni nasekuhleleni ozakwabo enkundleni.
U-Ouaddou uveze lokhu ngemuva kokuba iPirates ishaye ompetha baseNamibia, i-African Stars, ngo 1-0 emdlalweni wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlungela iCaf Champions League eGaborone, eBotswana.
Uthe iqembu elihleleke kahle lidinga abaholi kuzo zonke izindawo zenkundla, okuhlanganisa nonozinti, abadlali basemuva, esiswini nabagadli.
“Udinga ukuba nomholi kuzo zonke izindawo. Kubalulekile ukuba neqembu elisebenza njengomshini ogcotshwe kahle,” kusho u-Ouaddou.
U-Abdeslam Ouaddou uthe u-Sipho Chaine, uDeon Hotto noNkosinathi Sibisi banomsebenzi wokugcina ozakwabo behambisana nohlelo lweqembu.
Uthi lokhu ikakhulukazi uma umsindo wezibukeli wenza kube nzima ukuthi abadlali bezwe imiyalelo yabaqeqeshi.
U-Ouaddou uphinde waveza ukuthi abaholi kumele bakwazi ukukhuluma baqinise izwi uma ozakwabo bengagxilile emdlalweni.
“Kwesinye isikhathi kumele uqinise izwi ukuze uvuse labo abalele. Kumele umemeze ukuze ubavuse,” kuchaza yena.
U-Sipho Chaine usekhombise ukubaluleka kwakhe kaningi eqenjini lika-Abdeslam Ouaddou njengoba ekwazi ukuhlela kahle udonga lwasemuva.
- FUNDA NALA | OweChiefs ucacisa eyokukhipha uVilakazi
Ngesizini ka-2025/26, uqophe imidlalo engu-21 engangenelwanga yigoli kwengu-30 yeBetway Premiership.
Manje lo nozinti uzoba semqoka njengoba iPirates ilwela ukudlulela esigabeni samaqoqo kwiChampions League.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
