
UDa Cruz udalula imihlangano yakhe noMotaung Jr kwiChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, usephumele obala ngokwesekwa ngabaphathi beqembu, wadalula nokuthi uhlangana kangaki nomqondisi wezemidlalo u-Kaizer Motaung Jr ukuze baxoxe ngesimo seqembu.
Lokhu kuza ngemuva kokuphoxeka kweChiefs kwiCAF Confederation Cup, ngaphambi kokuthi ibuye ngamandla ishaya iTS Galaxy ngo 3-0 kwiCarling Knockout Cup ngoLwesibili.
UDa Cruz ubonge ibhodi leChiefs ngokumeseka, wathi abaphathi beqembu abathathi izinqumo ngokwesimo semiphumela kuphela, kodwa bahlale behlaziya inqubekela phambili yeqembu.
Udalule ukuthi uhlangana noMotaung Jr njalo emuva kwamasonto amathathu ukuze baxoxe ngenqubekela phambili nohlelo lweqembu lwesikhathi eside.
“Okokuqala ngithanda ukubonga iqembu ngesitatimende salo, ngibonge nomqondisi wezemidlalo nebhodi lonke ngokuseseka kwabo,” kusho uDa Cruz.
“Ngaphakathi eqenjini, njalo emuva kwamasonto amathathu, siba nomhlangano nomqondisi wezemidlalo sixoxe ngeqembu nangohlelo lweqembu.
“Lokhu kusethemba kwabo kubalulekile emsebenzini wethu wansuku zonke.
“Noma siwina, sidlala ngokulingana noma sihlulwa, kufanele sihlaziye kahle isimo.”
UDa Cruz uthe ukuwina kweChiefs ngo 3-0 kwiTS Galaxy akusho ukuthi usephenduke umqeqeshi ongcono kunakuqala.
UWandile Duba ube yiqhawe lalo mdlalo eshaya amagoli amathathu, okokuqala emsebenzini wakhe eqenjini elikhulu leChiefs.
“Emihlanganweni yethu sihlala sikhuluma ngokuthi singalithuthukisa kanjani iqembu nsuku zonke.
“Namuhla angiyena umqeqeshi ongcono kunalowo ebenginguye ngesonto eledlule ngaphambi kokukhishwa kwethu kwiCAF Confederation Cup,” kusho yena.
Lo mqeqeshi uphinde wathi iChiefs ibe nebhadi emidlalweni edlule, ikakhulukazi lapho idlala khona khokulingana, wengeza ngokuthi ukulimala kwabadlali nakho kube nomthelela.
Uthe baningi abadlali abalimele ngenxa yokushayisana enkundleni, okuyinto eyenze kwaba nzima ukuthi iqembu lithole uzinzo.
- FUNDA NALA | Iconsisa amathe eyeCarling KO
Njengamanje uFernando Da Cruz angaqiniseka ngokuthi u-Kaizer Motaung Jr usamethemba njengoba ekhiphe isitatimende ngalokho, futhi wachitha namahlebezi okuthi baxoxa nomunye umqeqeshi.
Nokho, umdlalo ozayo ne-Orlando Pirates wedabhi yaseSoweto ngoMgqibelo uzoba ngesinye isivivinyo esibalulekile kuDa Cruz nabadlali bakhe.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
