EzintshaKaizer Chiefs

UBobby uphawula ngoDa Cruz: akudlalwa izindlu kwiChiefs 

Umphathi webhola kwi-Kaizer Chiefs, u-Bobby Motaung, usephumele obala ngokweseka umqeqeshi uFernando Da Cruz.

Lesi sikhulu sithi eNaturena akudlalwa izindlu, ngakho abaqeqeshi bexoshwa ngokuthanda kwabantu.

Yize iChiefs ibhekene nengcindezi ngenxa yemiphumela engagculisi, uMotaung ugcizelele ukuthi ikilabhu inohlelo lwesikhathi eside.

Uthi ngeke ilushintshe lolo hlelo ngenxa yemiphumela embalwa emibi.

“Ngijabule. Umqeqeshi wami nguyena ophethe igumbi lokushintshela,” kusho yena kwiMarawa Sports Worldwide. 

“Uma uzwa ukuthi abaqeqeshi baxoshwa kanjani kwamanye amakilabhu, thina asidlali umdlalo wezindlu.” 

UDa Cruz ungene esikhundleni sikaCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, abebeqeqesha ngokubambisana ngesizini edlule. 

Laba baqeqeshi basize iChiefs yafinyelela esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup futhi yaqeda isendaweni yesithathu kwiligi.

UDa Cruz uqale kahle, kodwa imidlalo emihlanu edlala ngokulingana emidlalweni eyisithupha yokugcina yeligi yehlisele iChiefs endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-14. 

IChiefs iphinde yakhishwa kwiMTN8 emzuliswaneni wokuqala nakwiConfederation Cup kwaba ngesifanayo.

Nokho, u-Bobby Motaung uthi i-Kaizer Chiefs ibheke ikusasa futhi iyalweseka uhlelo okuvunyelwene ngalo noDa Cruz.

“Sibheke umbono wekusasa nohlelo lwesikhathi eside esivumelene ngalo nomqeqeshi,” kuqhuba yena.

“Bheka abadlali abadlala manje njengoWandile Duba. Uneminyaka emingaki uDuba? 

“Bheka noMfundo Vilakazi. Umqeqeshi uyabethemba laba badlali.” 

UMotaung uphinde wancoma indlela uDa Cruz alungiselela ngayo iqembu, wathi umsebenzi wakhe wezobuchwepheshe usezingeni eliphezulu.

“Okudingekayo nje ukubekezela nesikhathi. Izinto azenzeki ngobusuku obubodwa. Siphinde saba nebhadi ngokulimala kwabadlali.”