EzintshaOrlando Pirates

OwePirates ukitazwa eyokuba yizi‘mfivilithi’ kwidabhi, kodwa

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uyavuma ukuthi iqembu lakhe liya kwidabhi yaseSoweto kubhekwe ukuba linqobe, futhi kuyamchaza lokho.

Kodwa noma kunjalo, lo mqeqeshi usexwayise abadlali bakhe ngomthelela walokhu uma bekuthatha ngendlela engafanele.

IPirates izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, emdlalweni obhekwe ngabomvu.

AmaBhakabhaka abe nempumelelo emidlalweni yakamuva yala maqembu, awine imidlalo emithathu kwemihlanu edlule. 

Nokho, iChiefs iyona eyaphakamisa indebe yeNedbank Cup ngo-2025 ngemuva kokunqoba iPirates kowamanqamu.

Ngesizini edlule, iPirates iqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili yeligi neChiefs.

Yashaya lezi zimbangi zayo ngo-3-0 emdlalweni wokuqala, kwathi owesibili waphela zibambene ngo-1-1.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesine, u-Ouaddou uthe vele abadlali bakhe kumele bangene kulo mdlalo bezethemba. 

Kodwa wabe esebaxwayisa ngokuthi bangayithathi kalula iChiefs esishintshe kakhulu kulesizini.

“Kumele sibe nokuzethemba okuhle. Kumele samukele ukuthi yithina esibhekwe ukuba sinqobe ngoba vele singompetha. 

“Kodwa ngesikhathi esifanayo, sidlala neqembu elinethimba elisha labaqeqeshi,” kusho u-Ouaddou.

“IChiefs inomqeqeshi omusha, amandla amasha nemibono emisha, futhi yenza umsebenzi omuhle. 

“Ngakho-ke, kukithi ukuthi singene sinamandla, silandele uhlelo lwethu futhi sidlalele abalandeli ibhola elihle.”

Lo mqeqeshi waseMorocco uphinde wagcizelela ukuthi imiphumela yesizini edlule ayisho lutho uma sekuyiwa kulo mdlalo.

“Asizange sihlulwe ngesizini edlule. Kodwa esakuzuza ngaleso sikhathi sekudlulile. 

“Siyabancoma abadlali nekilabhu ngalokho abakwenza. Kodwa kumele siqhubekele phambili.

“Sekuyisizini entsha, kunezinhloso ezintsha futhi kumele sihlele ngokufanele,” kwengeza yena.

IChefs iya kulo mdlalo izethemba ngemuva kokushaya iTS Galaxy ngo-3-0 kwiCarling Knockout Cup, kodwa ingaphansi kwengcindezi yokujabulisa abalandeli bayo.

I-Orlando Pirates yona ibhekwe ukuba inqobe, kodwa u-Abdeslam Ouaddou uyazi ukuthi lokho akusho lutho uma sekukhala impempe yokuqala kwedabhi.