
UPetersen uveza ukuthi ubhekana kanjani nokugxekwa kwiChiefs
Ukugxekwa kwe-Kaizer Chiefs nomqeqeshi wayo uFernando Da Cruz akupheli, kodwa ukaputeni weqembu uBrandon Petersen uthi abadlali abavumeli umsindo wangaphandle ubaphazamise.
Ukusho lokhu njengoba belungiselela ukubhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni obhekwe ngabomvu ngoMgqibelo.
UPetersen, ozoba ngomunye wabadlali ababalulekile kwiChiefs, uthi abadlali kumele bazi ukuthi bangobani futhi bangavumeli imibono yabantu ibathene amandla.
Uthi ukugxekwa akumchazi yena njengomuntu noma njengomdlali webhola.
“Into ebaluleke kakhulu kimina wukwazi ukuthi lawo mazwi nezinto ezimbi ezikhulunywayo azingichazi njengomuntu noma njengomdlali, ngoba ngingaphezu kwalokho,” kusho uPetersen.
Uthi kubalulekile ukuthi umuntu azazi futhi azi izinto azimele. Uma lokho ekwazi, kuba lula ukungaphazanyiswa okwenzeka ngaphandle kwenkundla.
U-Brandon Petersen uthi umsindo nokugxekwa kuyingxenye yokudlalela iqembu elikhulu njenge-Kaizer Chiefs, lapho abalandeli belindele khona imiphumela emihle.
“Umsindo wumsindo. Abantu abafuna ukukhuluma bazoqhubeka bekhuluma futhi wonke umuntu unelungelo lombono wakhe.
“Lo msindo uphinde uvele ngoba abantu bafuna imiphumela.
“Uma udlalela iChiefs, imiphumela ibalulekile, kodwa nohambo oluthathayo lubalulekile,” usho kanje.
UPetersen ukholwa wukuthi iChiefs isiyathuthuka endleleni edlala ngayo ngaphansi kwesigungu sabaqeqeshi esikhona.
Nokho, uthi inkinga enkulu esadinga ukulungiswa wukushaya amagoli ngamathuba abawatholayo.
Uveze ukuthi ukube iChiefs isebenzise ngisho uhhafu wamathuba ewakhile emidlalweni lapho ilahle khona amaphuzu, ngabe isesimweni esingcono kakhulu.
Uthi abadlali ababheki kakhulu okushiwo ngabantu kodwa bagxile ekuthuthukiseni indlela abadlala ngayo.
“Okubalulekile kithina wukwazi ukuthi umsindo ukhona, kodwa sigxile kulokho esikwenzayo.
“Okumele sikubeke phambili wukuthuthuka nokuba ngcono,” kuphetha u-Brandon Petersen.
- FUNDA NALA | USibisi uveza okufunwa u-Ouaddou kwabeBucs
I-Kaizer Chiefs izongena kulo mdlalo ibheke ukuguqula ukudlala kwayo kube yimiphumela emihle.
Kodwa kuzomele ikwenze lokho ibhekene nezimbangi zayo ezinkulu ezizimisele ukuqhubeka nokuyicindezela.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
