EzintshaMamelodi Sundowns

Isihlabani seSundowns emizamweni yokushiya

Sekuvele ukuthi omunye wabadlali abawumgogodla kwi-Mamelodi Sundonws futhi asebenezikhathi bekuyo, ufuna ukushiya.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi esanda kwelula inkontileka, kanti kuzovela amaqembu amfunayo phesheya.

Ngokombiko weCitizen, uTeboho Mokoena nemenenja yakhe, uGlyn Binkin, balelwa ukuthi ashiye kwiSundowns.

Lokhu kuza ngesikhathi kubikwa ukuthi iqembu laseSaudi Arabia, i-Al-Ahli, linentshisekelo enkulu kulo mdlali wasesiswini.

Kuthiwa i-Al-Ahli ibona uMokoena njengomdllai ongathatha indawo kaFranck Kessié. 

Lo mdlali usanda kushiya leli qembu waya kwi-Atalanta e-Italy.

UMokoena useneminyaka emithathu esele kwinkontileka yakhe ne-Mamelodi Sundowns.

Lokhu kusho ukuthi i-Al-Ahli kuzofanele ikhokhe imali enkulu uma ifuna ukumthenga.

Amaqembu aseSaudi Pro League ake akhombisa ukuthi awesabi ukukhipha imali eningi ukuthenga abadlali.

Ngokwemthombo, uMokoena usekulungele ukuthola ithuba lokudlala ngaphandle kwaseNingizimu Afrika ngaphambi kokuba abeke amakhokho ethala.

“UTebza usezuze yonke into neSundowns, okubalwa kuyo iCAF Champions League. 

“Manje ufuna ukuhlola amanye amathuba,” kusho umthombo ocashunwe yiCitizen.

“Ubelokhu ehlezi efuna ukuyodlala phesheya futhi ukholwa ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi aphume ayozihlola nabadlali abahamba phambili.”

UBinkin naye uke wacashunwa kwabezindaba ethi uMokoena usekwenze konke eNingizimu Afrika.

Uthe sekuyisikhathi sokuthi lo mdlali ayoqhubeka nomsebenzi wakhe kwenye indawo.

Khonamanjalo, kubikwa ukuthi neziqhwaga zase-Egypt, i-Al-Ahly, zinentshisekelo kuMokoena.

Nokho, leli qembu alikakafaki sicelo esisemthethweni kwi-Mamelodi Sundowns.