EzintshaOrlando Pirates

USibisi udalula into u-Ouaddou angayifuni kubadlali bePirates

Ukaputeni we-Orlando Pirates, u-Nkosinathi Sibisi, usexwayise abadlali abasha ngezimfuno eziphezulu zomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

Lo mqeqeshi usekucacise kaningi ukuthi akaneliswa wukunqoba nje kuphela kodwa ufuna ukubona izinga eliphezulu lokudlala ngaso sonke isikhathi.

USibisi uchaze lo mqeqeshi waseMorocco njengomuntu okhuluma akucabangayo futhi ongafihli lutho uma enganelisekile ngendlela iqembu elidlale ngayo.

Uthi abadlali abasha kuleli qembu kumele basheshe bajwayelane nendlela u-Ouaddou afuna kudlalwe ngayo.

“Akafuni nje ukuthi senze kahle, ufuna ukwenza kahle kakhulu,” kusho uSibisi. 

“Uma sinqobe ngo 3-0 noma ngo 4-0 kodwa kube bekufanele ngabe sishaye amagoli ayisishiyagalombili noma ayishumi, uyakusho lokho. 

“Ukhuluma lokho akucabangayo ngaso sonke isikhathi.”

U-Nkosinathi Sibisi uthi abadlali sebekujwayele lokhu ngo-Abdeslam Ouaddou futhi bakubheka njengendlela yokubasiza ukuthi bathuthuke.

“Thina okumele sikwenze wukuthatha konke akushoyo ngendlela eyakhayo bese sikusebenzisa ukuziphusha ukuthi senze okungcono kakhulu,” kuqhuba yena.

La mazwi aqhamuka nje njengoba iPirates iqhubeka nokuhlanganisa abadlali abasha eqenjini, ibhekene nemidlalo enzima yasekhaya neyezwekazi.

U-Ouaddou uveze ukungenami ngendlela abanye abadlali abathole ithuba lokudlala emdlalweni weCarling Knockout Cup neMilford FC abalisebenzise ngayo.

Lo mqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi akazimisele ukugudluza izimfuno zakhe ukuze avikele imizwa yabadlali abangazifezi izinto azilindele kubo.