EzintshaOrlando Pirates

UBarker uxwayisa iPirates ngeSimba kwiChampions League

Umqeqeshi weSimba SC, u-Steve Barker, usexwayise i-Orlando Pirates ngokuthi izobhekana nomsebenzi onzima esigabeni samaqoqo seCAF Champions League.

UBarker, owake waqeqesha iStellenbosch FC, uzobhekana namaBhakabhaka kuGroup C, ohlanganisa neRS Berkane yaseMorocco neColombe Sportive yaseCameroon.

Lo mqeqeshi ujabule ngethuba lokuphinde abhekane nePirates, ebeyizimbangi zakhe ezinkulu ngesikhathi esaqeqesha eNingizimu Afrika.

“Ngijabule ngokudlala ne-Orlando Pirates. Ngike ngaba nezimpi eziningi nayo ngesikhathi ngiseNingizimu Afrika. 

“Iyiqembu elihle futhi elinzima, elinqobe iPremiership yaseNingizimu Afrika ngesizini edlule,” kusho uBarker kwi-Azam TV.

IPirates kusele yona kuphela kumakilabhu aseNingizimu Afrika kulo mqhudelwano ngemuva kokuthi iMamelodi Sundowns ikhishwe yiWiliete SC yase-Angola.

U-Steve Barker uyazi ukuthi ngeke kube lula ne-Orlando Pirates, kodwa uyazi neRS Berkane, aseke wadlala nayo phambilini, uthi inzima.

“Ngiyijwayele iRS Berkane. ISimba nayo iyayazi ngenxa yokudlala nayo kwiConfederation Cup. 

“Ngisho ngesikhathi ngikwiStellenbosch sake sadlala nayo,” kuqhuba uBarker.

“NeColombe yaseCameroon, eqala ukubonakala esigabeni samaqoqo seChampions League, izoba yingozi,” kusho yena.

UBarker uyavuma ukuthi iqoqo linzima, kodwa uthi iSimba kumele ilwele ukudlulela esigabeni somkhumulajezi.

“Leli kuzoba yiqoqo elinzima kakhulu kithi,” kuvuma yena. 

“Kodwa uma ufuna ukufinyelela kude kule miqhudelwano, kumele udlule esigabeni samaqoqo kungakhathalekile ukuthi udlala nobani.

“Kumele sithole indlela yokudlulela esigabeni somkhumulajezi. 

“Ngijabule kakhulu futhi ngikulindele ngabomvu ukuqala kwalo mqhudelwano.” 

Imidlalo yokuqala yesigaba samaqoqo kulindeleke ukuthi idlalwe kusukela mhla ka-27 kuya ku-29 kuNovemba.