AmaZuluEzintshaOrlando Pirates

UZwane ukhala ngesihlabani sakhe kowePirates

Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane useqinisekisile ukuthi omunye wezihlabani zakhe sizobe singekho uma sebebhekene ne-Orlando Pirates.

Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weBetway Premiership eKings Park Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Usuthu luzobe lufuna ukuqhubeka nesiqalo esihle sesizini ngemuva kokunqoba iStellenbosch FC emdlalweni walo wokuqala weligi. 

Nokho, luzokwenza lokho ngaphandle komdlali obalulekile uPule Ekstein osalulama ekulimaleni.

Lo mdlali uphinde waphuthelwa umdlalo wokuvula isizini futhi ubengekho behlulwa ngo 4-3 yiSekhukhune United emdlalweni weMTN8 ngeSonto.

UZwane uveze ukuthi u-Ekstein usadinga isikhathi ukuze abuyele esimeni esifanele sokudlala. 

“UPule ngeke abe khona emdlalweni nePirates,” kusho uZwane ephawula ngalo mdlalo.

“Kungenzeka ukuthi usadinga isikhathi. Uphuthelwe amasonto amabili kuya kwamathathu nathi.

“Ngakho mhlawumbe usadinga amanye amasonto amathathu ukuze aqiniseke ukuthi usekulungele ukudlala.

“Kumele silandele imigomo yokubuyisela umdlali enkundleni mayelana nezinga lakhe lokuqina ngokomzimba.

“Njengamanje abanye abadlali sebemdluli;e ngokulungela ukudlala. 

“Siyazi ukuthi ukube ubekhona ubengasengeza okuthile eqenjini.”

Yize u-Arthur Zwane ezobe engenaye u-Ekstein kulo mdlalo onzima ne-Orlando Pirates, unethemba lokwenza kahle ngabadlali anabo.