EzintshaOrlando Pirates

Okwenza uMsendami abe nethemba elisha kwiPirates

U-Daniel Msendami unethemba lokuthi igoli lakhe lokuqala kwi-Orlando Pirates lizomvulela amathuba okuthi adlale njalo kule sizini.

UMsendami ushaye igoli lesithathu ngesikhathi iPirates ishaya iChippa United ngo 3-0 eKings Park Stadium eThekwini ngeSonto eledlule.

Bekuyigoli lakhe lokuqala emidlalweni esemthethweni egqoke ijezi lePirates kusukela ajoyina leli qembu esuka kwiMarumo Gallants ngoJanuwari.

“Ngijabule ngokushaya igoli lami lokuqala kwiPirates futhi ngiyethemba ukuthi ngizoqhubeka nokuthola amathuba okudlala,” kusho uMsendamikwi-Herald Online yaseZimbabwe.

“Inhloso yami ukuqhubeka nokusebenza kanzima, ngishaye amanye amagoli futhi ngisize iqembu liqhubeke nokunqoba imidlalo.

“Kunombango omkhulu wezindawo eqenjini, ngakho kufanele ngisebenzise wonke amathuba engiwatholayo.”

U-Daniel Msendami uthi ukujoyina i-Orlando Pirates kwafeza iphupho lakhe lokudlalela iqembu elikhulu.

Ubhekane nomqhudelwano omkhulu wokuthola indawo eqenjini selokhu afika kweziMnyama.

Nokho, igoli alishaye kwiChippa lingayiqinisa indawo yakhe futhi kumenze abe ngomunye wabadlali abangasali eqenjini eliya emidlalweni.

“Ngijoyine iPirates ngazi ukuthi ineqembu elikhulu,” kuqhuba lo mdlali ineminyaka engu-24 ubudala.

“Lokho kuyangikhuthaza kakhulu ngoba ngihlale ngifuna ukuncintisana nokuba ngomunye wabadlali abahamba phambili eqenjini.

“Manje ngigxile ekuzithuthukiseni umdlalo nomdlalo, ngibe sesimweni esihle ngokomzimba nangokwengqondo njengoba isizini iqhubeka,” kusho yena.