EzintshaKaizer Chiefs

UBaartman uveza akufisayo kwiChiefs ngemuva kwegoli lokuqala

Ithimba elisha labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs selunike u-Luke Baartman ukuzethemba okukhulu kule sizini.

Lo mgadli oneminyaka engu-20 ubudala useqale yonke imidlalo emithathu yeBetway Premiership.

Uphinde washaya igoli lakhe lokuqala kwiChiefs ngesikhathi beshaya iSekhukhune United ngo 2-0.

“Isiqalo sesizini sibe sihle. Kuhlale kukuhle ukunqoba zisuka ukuze iqembu lithole umfutho,” kusho uBaartman.

“Ngifuna ukubonga umqeqeshi nethimba lakhe ngokunginika ithuba lokuqala umdlalo nangokungithemba.

“Ukushaya igoli kube yisikhathi engiziqhenya ngaso kakhulu. 

“Ngibonga ozakwethu abangisizile ngathola igoli lami lokuqala. Ngifisa ukushaya amanye amaningi.”

U-Luke Baartman wajoyina iKaizer Chiefs ngesizini edlule ngemuva kokwehlukana neCape Town Spurs abekhulele kuyo.

Wafika ngemuva kokuthi iCape Town Spurs yehelel esigabeni se-ABC Motsepe League.

Ngesizini edlule akazange athole isikhathi esiningi sokudlala. Ubonakale emidlalweni eyisikhombisa kuphela kuyo yonke imiqhudelwano.

Manje usephenduke ingxenye ebalulekile ezinhlelweni zomqeqeshi uFernando Da Cruz.

Uze waqala emdlalweni weChiefs neMamelodi Sundowns ophele ngo 1-1 ngempelasonto edlule.

Ukuphuma kusenesikhathi kwiMTN8 yikhona kuphela okuphoxe iChiefs kule sizini.

Ngenxa yalokho, iChiefs ayidlali kule mpelasonto njengoba kuqhubeka iMTN8.

Lokhu kunikeza uDa Cruz isikhathi esengeziwe sokulungiselela umdlalo olandelayo weligi.

IChiefs izovakashela iRichards Bay FC ngo-26 Agasti emdlalweni wayo olandelayo.