Betway PremEzintsha

Amakhaza ashubisa umkangtsha, kodwa ibhola lizosifudumeza?

Isimo sezulu sibi ngempela kuleli sonto — amakhaza ashubisa umkantsha.

Kodwa noma kunjalo, akekho ozokwenza iphutha lokulibala ukuthi namuhla yilona langa ebesilimelele — usuku lweBetway Premiership!

Amaqembu asezimisele ukusifudumeza enkundleni ngale kokushisa kwemvelo. 

Izimanga esizilindele enkundleni zizosenza sigcine silibele amakhaza – okungenani imizuzu engu-90.

Umdlalo obhekwe kakhulu ngoLwesibili ngoweTS Galaxy ezobhekana neziqhwaga zasePitoli iMamelodi Sundowns.

Kulindeleke impi enkulu kulo mdlalo kwazise ngowamagqubu njengoba iRockets inokuyimangaza kungazelele muntu iSundowns.

Ngesizini edlule iyishwebise isicoco seligi ihlandla lesishiyagalolunye ngesikhathi isishaya emdlalweni wokugcina. 

Lo mdlalo uzoba seMbombela Stadium, kanti njengayoyonke eyangoLwesibili, uzoqala ngo-7.30 ebusuku.

Kusenjalo, eSoweto, eDobsonville Stadium, iChippa United izobamba ngesidlozana neRichards Bay. 

ESeshego Stadium, ePolokwane khona iStellenbosch FC izogadulisana neStellenbosch FC.

IMarumo Gallants yona izovakashelwa ngomakoti bePremiership iKruger United, ekhaya layo elisha iRoyal Bafokeng Stadium eRustenburg. 

Ngakho-ke, khohlwa amakhaza — ukuthi uzobe usendlini, endaweni yokuzijabulisa noma enkundleni, namuhla akulona usuku lokugoqa izandla. 

Wusuku lwebhola esinethemba lokuthi lizoba sezingeni elijabulisayo nelizokwenza sikhohlwe yikho konke okunye!

Ime kanje isiyonke imidlalo: TS Galaxy v Mamelodi Sundowns; Chippa United v Richards Bay; Marumo Gallants v Kruger United; Polokwane City v Stellenbosch FC. Yonke iqala ngo-7.30 ebusuku.