
UCardoso ubhokela abaSundowns ‘abakhulumela safuthi’
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns u-Miguel Cardoso usephendule ngolaka kubalandeli baleli qembu abamgxekayo.
UCardoso uthi abanye abalandeli bakhuluma kakhulu kodwa abanalo ulwazi ngokwenzeka ngaphakathi eqenjini.
Uveze lokhu ngaphambi komdlalo weSundowns neMarumo Gallants ongoLwesithathu ebusuku eLoftus Stadium.
Lo mqeqeshi usebenzise uKhulumni Ndamane njengesibonelo salo mzekelo wakhe.
Uthi lo mdlali usadinga isikhathi ukuze abuyele esimeni esikahle ngemuva kokungadlali kwiNdebe yoMhlaba.
“Kunabadlali esisazama ukubabuyisela esimeni esikahle,” kusho lo mqeqeshi odabuka ePortugal.
“Ngenze isibonelo nje, uNdamane uye kwiNdebe yoMhlaba futhi akangadlala nowodwa umzuzu.
“Isikhathi sabo sokuphumula nabanye abadlali abebedlala kwiNdebe yoMhlaba sisandise ngamasonto amabili noma amathathu.
“Ubephumule engenzi lutho. Ngemuva kokuqala ukuziqeqesha neqembu, walimala.
“Manje awucabange nje abantu bathi, ‘dlalisa uNdamane’. Abazi lutho ngalokhu engiqeda ukukuchaza.”
U-Miguel Cardoso uthi abanye abalandeli beMamelodi Sundowns abazi ngokwanele ngesimo seqembu kodwa abasali ekuphawuleni.
“Ngeshwa kwiSundowns abalandeli abakhuluma kakhulu yilaba abangalilandeli iqembu okwangempela.
- FUNDA NALA | Okunikeza uMsendami ngokudlala njalo kwiBucs
“Bakhuluma kakhulu kodwa kuncane abakwaziyo. Kubalulekile ukuthi sibavale imilomo abasigxekayo.
“Leli qembu njengamanje lisesigabeni sokwakhiwa kabusha,” kuchaza uCardoso.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
