
USibisi uncome abafana abancane iPirates inqoba
Ukaputeni we-Orlando Pirates uNkosinathi Sibisi uncome abadlali abasebancane beqembu abadlale njengabadlali asebemnkantshubomvu ngesikhathi benqoba ngo 1-0 beshaya iChippa United.
AmaBhakabhaka abedinga ukunqoba kwiChilli Boys ukuze agcine amathemba awo esicoco seBetway Premiership ephila.
Futhi igoli likaNkosinathi Sibisi belanele ukuthola le wini. Linciphise igebe leMamelodi Sundowns laba ngemaphuzu angu-16.
ISundowns idlale ngokulingana ngo 1-1 neGolden Arrows eThekwini ngawo uLwesithathu ebusuku.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uNkosinathi Sibisi uwuthokozele kakhulu umklomelo weMan-of-the-Match kodwa wathi kube wumzamo weqembu lilonke.
“Bekuwumzamo omuhle weqembu. Bekungelula ukuza lapha,” kusho uSibisi.
“Bekumele sibuye ngemuva komdlalo neMarumo Gallants.
“Ngiyajabula ukuthi ngingene ngikwazile ukushaya igoli, ngasiza iqembu.”
Ebuzwa ngegoli lakhe, uSibisi uthe liwumphumela wabakwenza ejimini.
“Besisebenza (emabholeni abekwe phansi) ejimini futhi siyajabula ukuthi ekugcineni kuyasisebenzela.
“Sidinga ukusiza abadlali bethu ba phambili. Uma bengakwazi ukuthola okuthile emdlalweni, sidinga ukuza uma kunamabhola abekwe phansi sisize.”
Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uqalise abadlali abasebancane, uMbekezeli Mbokazi noSiyabinga Ndlozi okokuqala.
Uphinde waba nabanye abasha, uRele Mofokeng noMohau Nkota – nabo abavela ezinhlakeni zokuthuthuka ikhono zekilabhu – ohlwini lwabaqalayo.
“Kufanele ngincome uMbokazi, ukusebenza okuqinile, obeqine kakhulu namuhla,” kwengeza uSibisi.
“Ngijabule kakhulu ngabo. Ngicabanga ukuthi umqeqeshi wethu unikeza abafana ukuzethemba futhi imiphumela ikhona ukuze wonke umuntu ayibone.
“UNdlozi naye ungene kwesokudla, wadlala kahle kakhulu. UMbokazi udlale ngendlela ekhethekile.
“UMohau ubelokhu esiza isizini yonke, futhi uRele, asikho isidingo sokukhuluma ngaye.
“Kodwa kuwumzamo weqembu, sizothatha amaphuzu amathathu sigoduke,” kusho uSibisi
- FUNDA NALA | IPirates ichaza ngabangekho, ayiyithi vu ekaSaleng
“Kuhle uma wonke umuntu esiza, uMelusi Buthelezi naye ube nomdlalo omuhle… Kungaba ngcono kuphela ukusuka lapha.”
