EzintshaKaizer Chiefs

Seliqalile izembe likaDaCruz, iChiefs iqinisekisa ohambayo

Ukuqala kwenkathi entsha kwi-Kaizer Chiefs ngaphansi kukaFernando Da Cuz sekushiye omunye umdlali engenandawo eqenjini.

Lokhu kuza njengoba leli qembu seliqalile ukukhuculula abadlali elingasabadingi ngaphambi kwesizini entsha.

IChiefs ngoLwesibili iqinisekise ukuthi umdlali wasesiswini uGeorge Matlou ngeke aqhubeke neqembu ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni 2026.

Lokhu kuza njengoba umqeqeshi omusha, uFernando Da Cruz, eqala umsebenzi wakhe wokwakha iqembu elingakwazi ukuncintisana ngezicoco nokumela i-Kaizer Chiefs kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.

Esitatimendeni sayo, iChiefs ibonge uMatlou ngeminyaka ayihlale eNaturena.

“Ngemuva kweminyaka emine ekwiKaizer Chiefs, inkontileka kaGeorge Matlou ngeke ivuselelwe uma iphela ekupheleni kukaJuni 2026,” kusho iqembu.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 wajoyina iChiefs esuka kwiSwallows FC ngoJulayi 2022 futhi unqobe iNedbank Cup ngesizini ka-2024/25.

Nokho, kubukeka sengathi ukufika kukaDa Cruz kusho ukuqala kwenkathi entsha, kanti uMatlou usengowokuqala ukuzwa ubuhlungu bezinguquko ezinkulu ezilindelekile eNaturena.

Imibiko iveza ukuthi uMatlou kungenzeka angabi ngowokugcina ukuhamba njengoba i-Kaizer Chiefs ibheke ukuvula ezinye izikhala ukuze ilethe abadlali abasha abazohambisana nombono ka-Fernando Da Cruz.

Umbuzo omkhulu manje uthi: Ingabe ngubani olandelayo ozozwa izembe likaDa Cruz?

EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp