EzintshaOrlando Pirates

U-Irvin Khoza uphefumula ngokushiya kukaRiveiro

UJosé  Riveiro, ojoyine iPirates ngoJuni 2022, uzoshiya kuleli qembu uma kuphela inkontileka yakhe yeminyaka emithathu ekupheleni kukaMeyi. 

Ukuqokwa kwakhe kwahambisana nokungatshazwa, njengoba wayengaziwa eNingizimu Afrika, efika evela eFinland.

U-Irvin Khoza kwaze kwadingeka ukuthi asukume akhume izinhlamba ayechshwa ngazo uJosé Riveiro yilabo ababemngabaza.

Wathi ukungabaza kwabo uRiveiro kusho ukuthi bangabaza yena uqobo ngoba nguye imqashile. 

Kodwa-ke, lo mqeqeshi waseSpain wabagwinyisa amagama abo labo ababemgxibha, wabakhombisa ukuthi uKhoza akenzanga iphutha. 

Kuze kube manje usenqobe izindebe ezinhlanu futhi usesemjahweni wesicoco seligi, iNedbank Cup, neCaf Champions League.

“Nakuba besingathanda uJosé Riveiro ukuthi aqhubeke ahlale nathi, sisihlonipha ngokugcwele isinqumo sakhe,” kusho u-Irvin Khoza esitatimendeni seqembu. 

“Sibonga ngakho konke akwenzele ikilabhu kuze kube manje.”

UKhoza uncome umthelela kaRiveiro, wathi impumelelo yakhe iyazikhulumela. 

“Injabulo u-José nethimba lakhe abayilethe kule kilabhu ayisoze yalibaleka,” kwengeza uKhoza.

IPirates isizoqala ukuthungatha umqeqeshi omusha ozothatha lo msebenzi kusukela ngesizini ka-2025/26. 

“Okubalulekile okumele sikwenze njengamanje kukabili,” kuchaza uKhoza. 

“Sizothola isikhathi esifanele sokuhlonipha umsebenzi esiwenzelwe uJosé’, kuyilapho kumele sigxile ekutholeni ofanele ozongena esikhundleni sakhe.”

Uqinisekise uRiveiro ukuthi uzokwesekwa yiqembu kuze kube kufika isikhathi sokuthi ahambe futhi bazomfisela okuhle lapho ezoya khona. 

“Nomaphi lapho uhambo lwakhe lumyisa khona, umndeni we-Orlando Pirates uyohlale umlandela futhi umeseka.”

Okwamanje, uRiveiro usagxile emsebenzini owenziwayo kwiPirates. 

IPirates izobhekana nePolokwane City kule mpelasonto emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium.

Ukusuka lapho izobe seyisingatha iMC Alger emlenzeni wesibili wama-quarterfinal eCaf Champions League e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.