
Okushiwo uHugo Broos ngoMbokazi ngemuva kwekhadi elibomvu
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi umdlali wasemuva osemncane uMbekezeli Mbokazi uzofunda esigamekweni esimenze ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 0-0 neZimbabwe.
UMbokazi ukhishwe ngekhadi elibomvu emizuzwini yokugcina yomdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala we-Orlando Pirates, owenza kahle kule sizini, uzophuthelwa wummdlalo omqoka wangoLwesibili la iBafana izogadulisana khona neRwanda eMbombela Stadium.
Esikhundleni sakhe, uHugo Broos ubize umdlali wasemuva weStellenbosch FC, uThabo Moloisane.
Lo mdlalo ungobaluleke kakhulu emkhankasweni weBafana wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
“Kukhombisa isimo sengqondo sikaMbokazi,” kusho uHugo Broos ngemuva komdlalo.
“Ubekhungathekile. Besazi ukuthi lo mphumela usifaka enkingeni, wenza into engenziwa noma yimuphi umdlali osemncane.
“Angimsoli neze. Kuyinto okuzodingeka afunde kuyo — usemncane njengoba eneminyaka engu-20 nje kuphela ubudala. Ungumfana ohlezi efuna ukunqoba; uyakubona lokho ngendlela adlala ngayo.”
UBroos uvumile ukuthi yize ekuqonda okwenzeke kuMbokazi kodwa ukubeke kwacaca ukuthi ikhadi elibomvu akusona isizathu esenze iNingizimu Afrika ihluleke ukunqoba.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Ukudlala ngokulingana neZimbabwe kushiya iBafana isendaweni yesibili kuGroup C ngamaphuzu angu-15.
Isele ngamaphuzu amabili kwiBenin, ehlule iRwanda ngoLwesihlanu. INigeria, enamaphuzu angu-14, nayo iyihlezi ezithendenei njengoba isendaweni yesithathu.
Emdlalweni wangoLwesibili eNelspruit, iBafana kumele ishaye iRwanda bese iminyela ukuthi iNigeria izoyenzela umusa ngokuhlula iBenin e-Uyo.
Amaqembu azoqeda phezulu emaqoqweni awo azobe esezibekisele indawo eNdebeni yoMhlaba ezoba seCanada, Mexico nase-USA ngonyaka ozayo.
FUNDA NALA | Inkakha isola abaphathi kwiChiefs
Amane azoqeda endaweni yesibili enze kangcono wona azobe esedlala eminye imidlalo yokuhlunga okuzophuma kuyo elizothatha indawo yokugcina yamazwe ase-Afrika.
