EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

IPirates neChiefs basha amashushu ngesihlabani sePolokwane 

Kuvela ukuthi bangase bahlasele ePolokwane beyocela ukudayiselwa lo mdlali ngewindi elilandelayo lokudayiselana ngabadlali elizoba ngoJanuwari.

UMatuludi, oneminyaka engu-26 ubudala, usebuyele ekudlalweni ngemuva kokulimala umsipha okuphazamise izinto zakhe ekuqaleni kwalo nyaka. 

Ukubuya kwakhe sekuvuse isasasa kuzo zombili iziqhwaga zaseSoweto, ebezivele zimataniswa naye phambilini ngaphambi kokulimala kwakhe.

ICitizen ibika ukuthi umthombo osondelene nalo mdlali ukuqinisekisile ukuthi intshisekelo ngaye ayikapheli.

“Ngilindele ukuthi la makilabhu owashilo ukuthi azobuyela kuyena ngoba usebuyele ezingeni lakhe,” kusho lo mthombo.

“Kuzojabulisa ukubona ukuthi iPolokwane City izimisele yini ukumdayisa.

“Kodwa ngiqinisekile ukuthi amakilabhu amabili amakhulu azoohinde azame ukumthola.”

UMatuludi ubekade engomunye wabadlali abafunwa amaqembu amaningi e-PSL ngaphambi kokuthi elimale emdlalweni weBetway Premiership bebhekene neSuperSport United ngoJanuwari.

Ngaleso sikhathi iPirates kukholakala ukuthi ibihamba phambili kulo mjaho wokumsayina yena no-Oswin Appollis esigcine imtholile.

Manje useluleme ngokugcwele, futhi lo mdlali wasemuva weBafana Bafana usengazithola ebangwa yilamakilabhu amakhulu kuleli. 

Njengamanje uMatuludi useqenjini lesizwe elizodlala umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.