Betway PremEzintsha

IGolden Arrows imemezela umqeqeshi wayo omusha

I-Golden Arrows isimemezele ngokusemthethweni umqeqeshi wayo omusha ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.

UPitso Dladla nguye osezohola leli qembu laseThekwini. Lo mqeqeshi usanda kushiya iDurban City.

Manje usengena esikhundleni esisale singenamuntu ngemuva kokushiya kukaManqoba Mngqithi kuBafana Bes’thende.

Lo mqeqeshi uthathwa njengomunye wabasafufusa abanekhono elihle kwezokuqeqesha.

Futhi kulindeleke ukuthi aqhubekisele phambili umsebenzi oqalwe nguMngqithi ngesizini edlule.

IGolden Arrows ibingelinye lamaqembu adlala ibhola elihehayo nelihlaselayo ngesizini edlule, yingakho abaningi bemangele ngesikhathi iqembu lihlukana noMngqithi.

Imemezela ukufika kukaDladla, iGolden Arrows ibhale umlayezo omfishane ezinkundleni zokuxhumana yathi:

“S’thende Nation samukela umqeqeshi omkhulu uPitso Dladla.”

UDladla uzolekelela nguJames Madidilani, kanti onozinti bona bazocijwa ngoJacob Mokhasi njengoba Abafana Be’sthende bezihlela kabusha.