EzintshaMamelodi Sundowns

Sekuyamlungela uThapelo Maseko kwelaseDenmark 

U-Thapelo Maseko usezovalelisa kwiMamelodi Sundowns njengoba sekuvela ukuthi sekusondele ukuthi athuthele e-Denmark.

Imibiko yakamuva iveza ukuthi lo mdlali usevumelene neFC Copenhagen ngenkontileka yeminyaka emithathu.

Kuthiwa ngumdlali wakudala waleli qembu, uSibusiso Zuma omzamele indawo kulezi zinkunzi zaseDenmark.

ISundowns neCopehagen sebefinyelele esivumelwaneni ngemali yokumkhulula, okukholakala ukuthi ingaphezu kuka-R25 million.

U-Thapelo Maseko kulindeleke ukuthi aye e-Denmark maduze ayohlolwa udokotela ngaphambi kokuthi kuqedwe ngokuphelele.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala ubhekane nesikhathi esinzima kwiSundowns njengoba ebengasadlali. 

NgoJanuwari, uMaseko wathunyelwa eCyprus lapho ayebolekiswe khona kwi-AEL Limassol ukuze athole isikhathi sokudlala.

Udlale imidlalo engu-15 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amabili wakha elilodwa ngesikhathi ekuleli qembu.

Ngemuva kokubuya kwakhe eCyprus, uMaseko akazange afakwe eqenjini leSundowns ebeliye e-Austria ukuyokwenza amalungiselelo esizini entsha.

Lokhu kwandise izinkomba zokuthi ikusasa lakhe eChloorkop selisondele esiphethweni.

UMaseko wajoyina iSundowns esuka kuSuperSport United ngo-2023. Uphinde wadlala eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Ukuthuthela e-Denmark kuzonika u-Thapelo Maseko elinye ithuba lokuzibonakalisa e-Europe, ukuze avuselele ibhola lakhe.

Ukuhlolwa kwakhe udokotela yikho osekusele ngaphambi kokuthi isivumelwano siphothulwe ngokusemthethweni.