
Sekusele kancane nje ukuthi iChiefs imthole ‘uPalesa’ wayo
Sekusele amathizethize ukuthi iKaizer Chiefs ithole ngokusemthethweni umdlali osekunesikhathi imhalela u-Asanele Velebhayi mahhala.
Lokhu kungemuva kokuthi iqembu lakhe, iCape Town Spurs lingabile ukumdayisela iKaizer Chiefs lo mdlali ngaphambi kokuqala kwesizini.
ISpurs yenqaba ukudayisa lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala kwiKaizer Chiefs, yathi imali yabo elinganiselwa ku-R4 million incane kakhulu.
Kodwa manje njengoba i-Urban Warriors isigawulwe yizembe futhi isizodlala kumaligi eSafa, inkontileka kaVelebhayi nayo izoba yize.
Lokhu kusho ukuthi Amakhosi asezosayina lo mdlali mahhala, ngaphandle kokukhipha ngisho isenti elimnyana.
Umthombo osondelene naleli qembu uthe sekusele amathizethize kuphela ukuthi kuphothulwe isivumelwano, walinganisela ukuthi seseku-80% futhi singamenyezelwa noma nini.
“Ukuthuthela kukaVelebhayi kwiKaizer Chiefs sekuku-80%… IChiefs isilinde ukuthi iSpurs yamukelwe ngokusemthethweni yiSafa kwi-ABC Motsepe League.
“Ngemuva kwalokho, umdlali ezobe esekhululekile, lokho mhlawumbe kuzokwenzeka ngoMgqibelo kaJuni 15,” kusho umthombo.
“Kulapho iChiefs izomemezela khona. UbeseNaturaenna ngesonto eledlule ukuyoqedela okumbalwa obekusashoda nokuyobona nje indawo.”
UVelebhayi ungumdlali wasesiswini onekhono futhi kulindeleke ukuthi engeze amandla ekuhlaseleni kwaMakhosi.
Khonamanjalo iSpurs idlulisele icala layo neDurban City eNkantolo eNkulu yaseGoli, ngethemba lomphumela ohlukile.
Isola iCity ngokusebenzisa umdlali obhaliswe ngokungafanele kuSaziso Magawana.
Uma kwenzeka isinqumo senkantolo siyivuna, iDurban City izophucwa amaphuzu ayisithupha bese efakwa esibalweni seSpurs.
Lokho kuyosho ukuthi izokugwema ukugawulwa yizembe, iqhubeke kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
Nokho leli cala layo sellvele lichithiwe yiPSL nomxazululi weSafa, abathole ukuthi akukho okungafanele okwenzeka ngokusayinwa kukaMagawana.
