
ISafa icacisa ngecala likaJordaan, isabisa ngezinyathelo zomthetho
Inhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika, i-Safa, isiphumele obala ngecala lenkohlakalo elibhekene nomengameli wayo, uDanny Jordaan.
Ithi yona ayikaze ifake isikhalazo esaholela ekutheni kuqulwe leli cala.
ISafa iphinde yasabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho kulabo ethi bahudulela igama layo odakeni.
Leli cala eliqulwa eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge lithinta uJordaan, isikhulu sezezimali kwiSafa uGronie Hluyo, umqondisi weGrit Communications uTrevor Neethling nowayeyiCEO yale nhlangano, uRussel Paul.
Bonke babizelwe ukuzophendula ngezinsolo zokweba, inkohlakalo nokukhwabanisa.
Ngemuva komhlangano ojwayelekile wekomidi eliphezulu leSafa obubanjelwe eGoli ngempelasonto edlule, le nhlangano iveze ukuthi ayikaze ifake isikhalazo emaphoyiseni, ophikweni lweHawks noma kunoma yisiphi esinye isiphathimandla.
Isikhulu esiphezulu kwi-Safa, uLydia Monyepao, naso sakucacisa lokhu encwadini eyayibhalelwe inkantolo ngoDisemba 2024, lapho sathi le nhlangano ayizange ifake isikhalo.
Ngokusho kweSafa esitatimendeni, abantu abaqhuba lolu daba ngamalungu eNEC angaphambilini nabasebenzi abebengagculisekile
Ithi abanalo igunya elisemthethweni lokumela le nhlangano futhi benza lokhu njengabantu abazimele.
ISafa iphinde yaveza ukuthi ithole imibiko yokucwaningwa kwamabhuku engenakho ukugxekwa (unqualified audits) ngesikhathi sophenyo lweNational Prosecuting Authority (NPA) nangemva kwalokho.
I-NEC isithathe izinqumo ezine ezibalulekile ngalolu daba:
- Okokuqala, izongenela leli cala ngokufaka isitatimende esibhaliwe esinemininingwane, iphikise noma yikuphi ukwenzelela okuthiwa kwenziwe uJordaan, uHluyo noPaul.
- Okwesibili, izovula amacala kulabo ethi bangcolise igama layo nezikhulu zayo.
- Okwesithathu, izokhokhela zonke izindleko zomthetho zikaJordaan noHluyo, okuhlanganisa nalezo esezikhona kuze kube manje.
- Okwesine, izoqoka ummeli (Senior Counsel) ozohambela ukuqulwa kwecala ukuze aqaphe okwenzekayo.
Ngalezi zinyathelo, i-Safa ikhombisa ukuthi izimisele ukweseka ubuholi bayo nokuvikela igama layo, kanti labo esola ngokuyifaka kule ngxabano kufanele balindele ukuthi ingase ithathe izinyathelo zomthetho.
- FUNDA NALA | UNabi uvuka ngomsebenzi eMorocco
Nokho, lezi yizinsolo ezisabhekene nenkantolo, futhi abasolwa basenethuba lokuphendula kuzo njengoba kuqhubeka lolu daba.
- EZISHISAYO!|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
