
UTso Vilakazi usola iChiefs ngoCele, ungabaza uDa Cruz
Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uBenedict “Tso” Vilakazi, usephumele obala wasola isinqumo se-Kaizer Chiefs sokudedela uThabo Cele.
UVilakazi uhambisana nowayengumdlali weChiefs, uJunior Khanye, okholelwa ekutheni uKaizer Motaung Junior bekungafanele avumele uCele ahambe.
Ekhuluma kwi-iDiski TV, uVilakazi uthe ukuzazisa kwabaphathi akumele kuphazamise izinqumo ezibalulekile eqenjini.
“Kwesinye isikhathi ukuzazisa akusizi. Kumele ukwazi ukukubeka eceleni,” kusho uVilakazi.
Uphinde wangabaza indlela umqeqeshi weChiefs, uFernando Da Cruz asebenzisa ngayo abadlali.
Uthi akuzwakali kahle ukuthi kungani kukhishwa umdlali wasesiswini bese abanye abadlali bedlaliswa ezindaweni okungezona ezabo.
“Angicabangi ukuthi umqeqeshi uzohlala isikhathi eside uma ezoqhubeka nokwenza lokhu akwenzile,” kuqhuba uVilakazi.
“Ukususa abadlali ezindaweni zabo zemvelo abese ebafaka esiswini, kanti kusanda kukhishwa umdlali wasesiswini eqenjini akukuhle.”
UVilakazi uthi iChiefs kumele ibheke emuva, ihlaziye indlela eyayidlala ngayo nohlobo lwabadlali eyayibathenga ngesikhathi isathandwa kakhulu ngabalandeli.
“Buyelani emuva nibheke indlela i-Kaizer Chiefs eyayidlala ngayo nabadlali eyayibasayina. Lokho kuyakutshela.
“Iphi leya nkambiso eyenza wonke umuntu athande iKaizer Chiefs? Iphi?” kubuza uVilakazi.
- FUNDA NALA | UCardoso uvikela uMaku ngejezi kwiDowns
Lezi zinkulumo ziqhubeka nokufaka ingcindezi kwi-Kaizer Chiefs mayelana nezinqumo zayo zokwakha iqembu, ikakhulukazi indlela ephatha ngayo abadlali.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
