
IKaizer Chiefs ‘ezingela nosawoti’ ikhonjwa kowaseSlovakia
Kubikwa ukuthi iKaizer Chiefs ibheke ukusayina umgadli waseSlovakia njengoba ifuna ukuqinisa phambili ngesizini ezayo.
Lo mgadli uRobert Polievka, okwamanje usemabhukwini eMTK Budapest yaseHungary.
Amakhosi, ngokombiko weSportswire.co.za ahlonze uPolievka njengoba ebheke ukuqinisa kubagadli ngaphambi kwesizini ka-2025/26.
IKaizer Chiefs izodlala imidlalo eyengeziwe ngesizini ezayo njengoba ikwazile ukungena nakwiCaf Confederation Cup kulandela ukunqoba kwayo iNedbank Cup.
Amakhosi azimisele ngokuqinisa isikwati sawo, ikakhulukazi kubagadli ngemuva kokuhlukana noRanga Chivaviro.
IKaizer Chiefs izodinga ukuxoxisana ngemali yokudayiselana ngoPolievka, kwazise inkontileka yakhe neMTK Budapest iyoze iphele ngo-2027.
Nokho irekhodi lalomgadli oneminyaka engu-27 ubudala aliyakhalisa.
Ushaye amagoli amane kuphela emidlalweni engu-26 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini esanda kusongwa.
Lezi zibalo zingase zingakhuthazi ukuzethemba eqenjini elidinga kakhulu umshayi magoli elizothembela kuye.
IChiefs idinga ngokuphuthuma umgadli ozohola ukuhlasela kwayo ngokuzethemba futhi abhakuzise inethi.
UChivaviro ubeqale kahle umkhankaso odlule eshaya amagoli amabili emidlalweni yakhe emithathu yokuqala.
Kodwa uye wafiphala ngokuqhubeka kwemidlalo, wagcina eselizwa ngendaba ijezi njengpba kuze kwaphetha ngokuthi akhululwe.
Leli qembu liqede endaweni yesishiyagalolunye kwiligi, laphuthelwa yiMTN8 isizini yesibili kulandelana.
Lokhu kwenzeke naphezu kokuvuka indlobane kwalo kwiNedbank Cup eligcine liqede ngayo isomiso sezindebe seminyaka engu-10.
Abahambe phambili ngamagoli kule sizini, uWandile Duba noGlody Lilepo bashaye amahlanu emunyekwiligi.
Njengoba ibuyela ebholeni lase-Afrika, futhi kubhekwe yenze kangcono nakwiligi, iChiefs imdinga ngampela umgadli kanti kubukeka izokhalela kuye uPolievka.
