EzintshaMamelodi Sundowns

Okwenza uCardoso afanise uMaku no-Adams kwiSundowns

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, usecele ukuthi u-Lazola Maku angafakwa ngaphansi kwengcindezi njengoba efika eqenjini lakhe.

Uthi asikho isidingo sokulindela ukuthi lo mdlali osemncane asheshe angene eqenjini eliqala imidlalo.

Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-19 ubudala umenyezelwe yiSundowns ngoLwesibili ngemuva kokushiya iSiwelele FC ekupheleni kwesizini edlule.

Ekhuluma nabezindaba eChloorkop ngoLwesithathu ntambama, uCardoso ugcizelele ukuthi uMaku kumele anikezwe isikhathi sokuzinza kuleli qembu elinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu.

Lo mqeqeshi uveze ukuthi ngisho noJayden Adams – ongasekho – wake wabhekana nobunzima bokuzitholela indawo kwiSundowns esanda kufika.

“Akulula ukuthi umdlali afike kwiSundowns bese ezitholela indawo eqenjini ngokushesha,” kusho uCardoso. 

“Ngisho noJayden waba nobunzima ngesikhathi efika. Ngakho-ke ningamfaki ngaphansi kwengcindezi umfana, ake azinze ngoba usanda kufika.”

U-Miguel Cardoso uthe ukujwayela kuka-Lazola Maku ejimini yeqembu akusho ukuthi uzothola indawo kalula, njengoba kunokuncintisana okukhulu.

Ugcizelele nokho ukuthi lokhu akusho ukuthi abamethembi noma abaliboni ikhono lakhe.

“Akusho ukuthi asimethembi noma asiliboni ikhono lakhe ngoba siyalibona,” kuqhuba yena. 

“Kodwa ake anikwe isikhathi sokuzinza, akhululeke futhi aqonde ukuthi yini esiyifunayo kuye.

“Ithuba lakhe lizofika ngokusebenza kanzima nangokuzimisela azokukhombisa.” 

UMaku manje kuzomele asebenzise isikhathi sakhe sokuqala kwiSundowns ukuzijwayeza indlela yokudlala yeqembu nokulwela indawo phakathi kwabadlali abanolwazi.