
UCardoso ukhuza ihaba ngamavelemane kaKomphela koweWiliete
U-Miguel Cardoso, usephumele obala ngesigameko esisematheni esibandakanya iphini lakhe, uSteve Komphela, nomqeqeshi weWiliete SC, uBeto Bianchi, esenzeke e-Angola.
Kubikwe ukuthi kube nokungaboni ngaso linye phakathi kwalaba baqeqeshi ngemuva komdlalo wokuqala weMamelodi Sundowns neWiliete emzuliswaneni wesibili wokuhlunga kwiCaf Champions League, ophele ngo-0-0.
Imibiko ithi uBianchi wagcina eselashwa esibhedlela kulandela lesi sigameko, okuthiwa sishube ngemuva kwezinsolo zokuthi wathuka uKomphela ngamazwi anokucwasa.
Kuphinde kwabikwa ukuthi uKomphela waziphendulela ngamavelemane kuBianchi, nokwaholela ekutheni iWiliete icabange ukufaka icala kwiCaf.
Nokho, uCardoso uthi lesi sigameko sesidlulile futhi akafuni siqhubeke nokuba yindaba enkulu ngaphambi komdlalo womlenze wesibili ozoba ngoLwesihlanu.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu, uCardoso uthe kunezinto ezimbili afuna ukuzicacisa ngalolu daba.
“Kunezinto ezimbili engingazisho. Izinto ezincane zingakhula zibe nkulu uma uzinaka kakhulu.
“Ngicabanga ukuthi leso sigameko sanakwa kakhulu kunalokho okwenzeka ngempela,” kuchaza yena.
“Into yesibili ukuthi samukelwa kahle kakhulu futhi sanakekelwa kahle, kwaze kwaba umzuzu wokugcina lapho sasithatha khona indiza sibuyela ekhaya.”
Uveze ukuthi la maqembu anobudlelwano obuhle futhi asaqhubeka nokwakha ubudlelwano obuqinile.
“La maqembu amabili anobudlelwano obuhle, futhi sisaqhubeka nokwakha ubudlelwano obuhle ngendlela abantu abaxhumana ngayo.
“Ebholeni kunemizwa eminingi. Kwakunemizwa enamandla, kwesinye isikhathi leyo mizwa iyaphuphuma esandleni.
“Kodwa sesidlulile kulokho, futhi nginesiqiniseko sokuthi umdlalo wangoLwesihlanu uzoba muhle phakathi kwabantu abahloniphanayo.
“Sizobamukela kahle kakhulu abantu baseWiliete,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka ePortugal.
U-Miguel Cardoso uthe wakhuluma noBianchi ngale ngxabano yakhe no-Steve Komphela ngaphambi kwengqungquthela yabezindaba yangemuva komdlalo.
“Ngikhulumile nomqeqeshi weWiliete, uBianchi, ngaphambi kwengqungquthela yabezindaba nangemuva komdlalo, futhi sibe nengxoxo ejwayelekile ngokuphelele.
- FUNDA NALA | UVilakazi akamboni ehlala uDa Cruz kwiChiefs
“Siyethemba ukuthi kulokhu ngeke kube nemizwa eyeqile nhlangothi zombili ngaphandle kwaleyo ezovezwa enkundleni, ngoba kulapho amaqembu kufanele alwe khona.
“Masiyeke ukwenza umsindo ngezinto ezincane kakhulu. Ziningi izinto ezenzeka ebholeni esingakhulumi ngazo,” kwengeza yena.
Nokho amehlo azobe ebheke ukuthi izobe ibukana kanjani phakathi kukaSteve Komphela nalo mqeqeshi eLoftus Stadium ngoLwesihlanu.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
