EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ugane unwabu, uxwayisa abadlali bePirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou akazange akufihle ukuphoxeka kwakhe ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambane ngo 1-1 naMaZulu FC.

Lamaqembu ashayane aze abukana emdlalweni weBetway Premiership obuseKings Park Stadium eThekwini ngoLwesithathu ebusuku.

IPirates iqale umdlalo kahle yaze yathola igoli lokuqala ngoTshepang Moremi.

Kodwa amaBhakabhaka ahlulekile ukusebenzisa amathuba amaningi awatholile.

UYanela Mbuthuma noGhampani Lungu babephakathi kwabadlali abashwebe amathuba abalulekile.

Lokho kunikeze AmaZulu amathuba okubuyela emdlalweni.

AmaZulu alitholile lelo thuba ngesikhathi uThandolwenkosi Ngwenya eshaya iphenathi ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.

U-Abdeslam Ouaddou uvumile ukuthi i-Orlando Pirates ayizange idlale kahle nhlobo esiwombeni sokuqala.

“Uma ngikhuluma iqiniso, ngiyalithanda iqembu lami,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo. 

“Kodwa ngicabanga ukuthi besifanelwe okungaphezulu, ikakhulukazi uma ubheka amathuba esiwatholile esiwombeni sesibili.

“Angifuni ukukhuluma ngesiwombe sokuqala ngoba besiyinhlekelele ngempela.”

Lo mqeqeshi uthe iPirates bekumele iphume namaphuzu amathathu kulo mdlalo.

Uphinde wancoma AmaZulu nomqeqeshi wawo ngokwenza umdlalo ube nzima.

“Angicabangi ukuthi maningi amaqembu azofika lapha afike anqobe. 

“AmaZulu yiqembu eliqinile. Anabadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho yena.

U-Ouaddou uphinde wancoma umqeqeshi woSuthu u-Arthur Zwane ngokwakha iqembu eliqinile.

“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi ungomunye wabaqeqeshi abahamba phambili kwiPSL,” kusho yena.

“Ungomunye wabaqeqeshi abazithobile, futhi nami ngiyamthanda futhi ngiyamhlonipha.”

Nokho, u-Abdeslam Ouaddou ube esekhipha amazwi ashubile exwayisa abanye abadlali be-Orlando Pirates, ebasola ngodembesela.

“Kumele sivuke. Abanye abadlali kumele bavuke ngokushesha,” kusho u-Ouaddou.

Ube esencoma uNkosinathi Sibisi noSipho Chaine, ethi yibona kuphela abadlali abakhombise ukuzinikela.

“Kumele ngincome uSibisi noChaine. BebekwiNdebe yoMhlaba futhi manje badlala yonke imidlalo,” kwengeza yena.

“Kodwa abanye kumele bavuke ngoba mina anginaso isikhathi. Manje sekuyisimo esiphuthumayo.”

IPirates izobe seyibheke ukubuyela emgqigqweni wokunqoba uma seyibhekene neChippa United enkundleni efanayo ngeSonto.