
Ulandelwa inhlanhla yomsebenzi omkhulu uNabi owahluleka kwiChiefs
Owayengumqeqeshi we-Kaizer Chiefs, u-Nasreddine Nabi, kubikwa ukuthi angase athole umsebenzi omusha eMorocco maduze.
Sekuvele izindaba zokuthi usezingxoxweni nenye yezinkunzi zakuleliya zwe kungakapheli sikhathi exoshwe kwenye.
Lo mqeqeshi waseTunisia, oneminyaka engu-61 ubudala, kuthiwa usevele useCasablanca ukuyoxoxa ngezinto zokugcina neWydad Athletic.
Uma kuvunyelwana ngakho konke, uzobe esesayina inkontileka bese eqala umsebenzi.
U-Nasreddine Nabi ujoyine iRaja Casablanca ngemuva kokuhlukana ne-Kaizer Chiefs, kodwa ukuhlala kwakhe kuleli qembu kube kufushane.
IRaja inqamule inkontileka yakhe ngemuva kwezinyanga ezintathu kuphela ephethe.
Okungase kwenze lezi zindaba zithakazelise wukuthi iWydad ingenye yezimbangi ezinkulu zeRaja.
Uma lesi sivumelwano siphumelela, uNabi angazithola esebenzela iqembu eliyizimbangi zaleli asanda kulishiya.
UNabi ufike kwiChiefs ngo-2024 enethemba lokubuyisa izinsuku zenjabulo kubalandeli baMakhosi.
Ngesikhathi sakhe eNaturena, uNabi wazama ukwakha kabusha iqembu nokulibuyisela ekubeni elincintisana ngezindebe.
Wanqoba iNedbank Cup ngesizini yokuqala, kodwa wabe esekhonjwa indlela ngelandelayo kulandela ukuphikwa yimiphumela.
- FUNDA NALA | UCardoso ukhuza ihaba ngekaKomphela noweWiliete
Ukuhlukana kuka-Nasreddine Nabi ne-Kaizer Chiefs kwavula ithuba lokuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe eMorocco, kodwa nalapho akazange athole isikhathi esanele sokwakha iqembu leRaja.
Kusazobonakala ukuthi izingxoxo neWydad zizophetha ngesivumelwano yini, njengoba kungakabi khona isiqinisekiso esisemthethweni sokuqokwa kwakhe.
- EZISHISAYO!|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
