
Okusha ngelika-Andile Jali obefuna izigidi kwiGallants
Umdlali wasesiswini u-Andile Jali, uhlulekile ecaleni lakhe lokufuna ukukhokhelwa u-R5.7 million yiMarumo Gallants awukweletwa yiMoroka Swallows.
Isigungu sePSL (DRC) sisichithile isimangalo sika-Andile Jali kuleli sonto eledlule, ngokubika kweSunday World.
IGallants, ithenge isitifiketi seSwallows, yathatha nezikweletu zayo nezinkontileka zakhona.
Abanikazi abasha bathuthele ikilabhu eBloemfontein. UJali ubefuna isinxephezelo ngokuxoshwa kwakhe ngokungafanele.
Inkontileka yakhe yanqanyulwa ngemuva kokuthi abadlali benze isiteleka esingekho emthethweni esasingoDisemba 2023.
Abadlali abaningana baduba imidlalo yeligi, befuna ukukhokhelwa ngaphambi kukaKhisimusi.
U-Andile Jali wayefuna inkokhelo ephelele nokubuyiselwa eqenjini. Kodwa-ke, i-DRC yalichitha icala lakhe.
Imibhalo yase-DRC ikhombisa ukuthi umholo wokuqala kaJali wawungu-R185 000 ngenyanga.
Ukube ubedlala izingxenye ezimbili kwezintathu zemidlalo yeMoroka Swallows, iholo lakhe belizokhuphukela ku-R203 500 ngenyanga.
“Ngesikhathi abadlali beteleka, iSwallows yayingabakweleti imali,” kusho ummeli weMarumo Gallants uLeruma Thobejane.
“Babefuna ukukhokhelwa ngoDisemba 22 lapho izinkontileka zabo zinikeza ukuthi bazothola amaholo abo ngosuku lokugcina lokusebenza enyangeni.”
UJali uqhubekile nempi yakhe kodwa ngesonto eledlule, i-DRC yayalela ukuthi isicelo sokuxoshwa ngokungafanele sichithwe.
Ummangalelwa (Gallants) uyalelwe ukuthi akhokhele umfakisicelo (uJali) isamba esingu-R880 000 kuphela futhi ngeke kube nomyalelo mayelana nezindleko.
U-R880 000 ngowamalungelo ezithombe kanti uThobejane uthi basazoludlulisela phambili udaba, benqabe ukuwukhokha.
“Sizofaka isikhalazo. Lawo malungelo ezithombe angawemenenja kaJali uMike Makaab, owawadayisela iSwallows,” kusho uThobejane.
