
UTeko Modise uveza isifiso sakhe esikhulu ngoMofokeng
Owayengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uTeko Modise, useveze isifiso sakhe esijulile ngesihabani esisesincane saleli qembu, uRelebohile Mofokeng.
UTeko Modise uthi ufisa sengathi uRele Mofokeng angasheshe athuthele phesheya kwezilwandle — iphupho yena angazange alithole ithuba lokulifeza.
UMofokeng usheshe waba ngomunye wabadlali abagqamile eNingizimu Afrika futhi okubhekwe lukhulu kubo.
Uqale ukudlala ekupheleni kwesizini ka-2022/23 kanti usephenduke umdlali oqala yonke imidlalo kwi-Orlando Pirates nakwiBafana Bafana.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala usedlale imidlalo engu-89, washaya amagoli angu-18 futhi wakha angu-22 kuMaBhakabhaka.
UModise naye wake wafunwa kakhulu phesheya esadlala kodwa akazange alithole ithuba lokuyofeza iphupho lokudlala e-Europe.
Manje uthemba ukuthi uMofokeng yena uzolithola lelo thuba futhi khona manje esemncane.
“Ngifisa sengathi engasheshe athuthele phesheya, ucashunwe esho kanje uModise kwiFARPost.
Uqhathanise umthelela kaMofokeng nokaThembinkosi Lorch, wathi iPirates ayivamisile ukudedela abadlali bayo abakuleli zinga.
Noma kunjalo, uTeko Modise ukholwa ukuthi uRele Mofokeng angadlulela ezingeni eliphezulu kakhulu uma enganikezwa ithuba lokufudukela phesheya.
“Kufanele adlale ibhola kwi-Uefa Champions League. Lokho kungangenza ngiziqhenye,” kwengeza uModise.
Ugcizelele ukuthi umnyakazo wamazwe ngamazwe ngeke uhlomulisee uMofokeng kuphela kodwa nomndeni wakhe neqembu lesizwe.
“Uuma uRele eba ngcono, iBafana Bafana nayo izona ngcono ngoba usazoba yisethenjwa sayo eminyakeni ezayo,” kuqhuba uModise.
Kuke kwaba nemibiko yokuthi uMofokeng ufunwa amakilabhu athile aphesheya kwezilwandle okubalwa nezikhondlakhondla zaseSpain iFC Barcelona.
