
Usalile kweliya kwiNdebe yoMhlaba oweKaizer Chiefs
Umdlali weKaizer Chiefs usale ngaphandle eqenjini lesizwe langakubo eliya kwiNdebe yoMhlaba.
UGlody Lilepo ube nesizini enhle kuMakhosi, eshaya amagoli amahlanu, futhi waba nesandla ekwakheni amane.
Udlale imidlalo engu-27 yeBetway Premiership kule sizini futhi ubengomunye wabadlali abagqamile kwiKaizer Chiefs.
Lo mdlali obongelwa ngelikaSiyayimunya ngeke awudlale umdlalo wokugcina weChiefs neChippa United.
Lokhu kungenxa yokuthi uthole ikhadi elibomvu emdlalweni odlule la Amakhosi eshaye khona AmaZulu FC ngo 1-0 eThekwini.
Sekuvele ukuthi yize ebeke walunguza eqenjini lesizwe langakubo eDR Congo, akazange aqokwe eqenjini lokugcina.
Lo mdlali wasophondweni weKaizer Chiefs usedlale imidlalo eyisishiyagalombili eqenjini lesizwe.
Wagcina ukudlala ngo-2023, kodwa ubesebonakala enethuba lokubuyela kulo muva nje.
Kube uFoston Mayele wePyramids SC kuphela umdlali ongenile kuleli qembu osuka odlala e-Afrika njengamanje.
IDR Congo ikuGroup K la iqhathwe khona nePortugal, Icolombia ne-Uzbekistan.
Leli yiqoqo elingelibi kakhulu, futhi iCongo ingakwazi ukudlula uma iqhubeke nokuzomisela ekukhombise emidlalweni yokuhlunga.
