DStv Diski ChallengeEzintsha

IChiefs ethubeni lomlando kwiDDC ishaya iPirates

I-DDC igubha iminyaka engu-10 yasungulwa kule sizini, futhi okuxakayo ukuthi alikho iqembu kulawa amakhulu kunawo wonke ezweni elike layinqoba.

Kodwa manje iKaizer Chiefs isiqhwakele kwi-DDC futhi inethuba elihle lokunqoba indebe yayo yokuqala kule ligi yokuthuthukiswa kwamakhono.

Lezi ziqhwaga zaseSoweto ziyakhonya kwamanye amaligi okuthuthukiswa kwamakhono, ikakhulukazi kwiGauteng Development League (GDL) lapho amaqembu azo enqobe khona izicoco eziningi.

Muva nje, iqembu laMakhosi lika-Under 14 lithweswe umqhele we-GDL Top 8, okufakazela ukubusa kwalo kulezi zigaba. 

Kodwa kwi-DDC iKaizer Chiefs isalokhu iyikhombela kude indebe, kodwa manje umqeqeshi uVela Khumalo ubukeka ezosiqeda leso somiso.

Futhi ukunqoba kwiPirates emdlalweni obusePerus Molemela Stadium eBloemfontein bekubalulekile kulo mkhankaso wayo wokufuna isicoco sokuqala. 

U-Aden McCarthy ushaye igoli kade kuyiphenathi ukuweza Amakhosi ngasekupheleni komdlalo.

IPirates idlale ingxenye enkulu yalo mdlalo inabadlali abangu-10 ngemuva kokikhishwa ngekhadi elibomvu kukaMmatlou Sepale ngekhadi elibomvu.

USepale udlalise kabi umgadli weChiefs ngomzuzu ka-25 okuholele ekutheni kube nephenathi.

Yize kube yisinqumo esinempikiswano esishiye kumuncu ekhempini yePirates, unozinti wayo uSiyabong Zulu ukwazile ukuyivimba.

UZulu nokho akakwazanga ukunphinda okufanayo kuMcCarthy kabili njengoba ekwazile ukuyinamathisela enethini eyesibili.

Amakhosi abe esegxumela esicongweni selogi yalesi sigaba ngalo mphumela awulwele kanzima. 

Manje sebesemaphuzwini angu-51, elilodwa lingaphezulu kwesibili iStellenbosch FC kodwa sebephethe umdlalo esandleni.